ISIKHUNGO esigunyazwa ukusetshenziswa kwamakhambi kuleli, iSouth African Health Products Authority (SAHPRA), sigunyaze ukuthi abesifazane abazithwele nabancelisayo abasengcupheni yokuhaqwa yiCovid-19, bangagoma.
Lesi sikhungo sithe abesifazane abafuna ukugoma kumele belulekwe ngodokotela babo ngaphambi kokuthi bagome ngomgomo wakwaJohnson&Johnson, ngaphansi kohlelo lokugoma iSisonke Protocol olwenziwayo kuleli.
Isitatimende esikhishwe yiSAHPRA sithi okwamanje abukho ubufakazi bokuthi uma sebegomile umgomo, ngeke uphume nobisi oluncelwa yingane ngesikhathi bencelisa.
"Abesifazane abazogonywa kuzomele bathole ukwelulekwa kuqala njengoba lungekho ulwazi oluphelele mayelana nalokhu. Ongoti bezempilo abazobe begoma abantu kumele babahlole abesifazane abancelisayo ukuthi yibuphi ubungozi abangaba nabo," kusho isitatimende.
Lesi sikhungo sithe bakhona abantu besifazane abasesigabeni sokugcina sokukhulelwa kwabo, asebeke bagonywa ngemigomo esebenzisa iviral vector efana neJ&J, akekho oke waba nokuphatheka kabi noma kube nokuphatheka kabi kwengane yakhe ayikhulelwe.
Ucwaningi nombhali uDkt Jarrod Zampirini waseWits University uke wabhala emqingweni wezempilo iSA Medical Journal esanda kushicilelwa, uthe udaba lokuthi abakhulelwe ngabe kumele yini bagone noma cha kumele lucaciswe kabanzi ukuze bathathe isinqumo benolwazi.
" Nakuba kukuhle ukuthi lukhona ulwazi esitshelwa lona kodwa alubambeki ngoba asikho isiqiniseko ngalo. Kubalulekile ukuthi abasifazane abazithwele banikezwe ulwazi olutholakale ngesikhathi kwenziwa ucwaningo bese bezithathela isinqumo ngolwazi oluphelele abalutholile,' kusho uDkt Zampirini kulo mqingo.
Inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), ithe akumele omama abancelisayo bayeke ukuncelisa uma sebegomele iCovid-19.