SEBENGAPHEZU kuka-9 000 abantu abathatha imishanguzo yokugwema ukungenwa yigciwane lengculazi kuleli.
Lokhu kusanda kuvela engqungqutheleni yezempilo, ebiyenziwe yisikhungo iBhekisisa Centre for Health Journalism engaphansi kweMail & Guardian.
Ekhuluma kule ngqungquthela uDkt Thato Chidarikire, woMnyango wezeMpilo kuzwelonke, uthe sebesinyusile isibalo sabantu abathola lemishanguzo kusukela beqalile ngo-2017 nosekwenze umehluko ezinhlelweni zoMnyango wezeMpilo zokulwa nokusabalala kwegciwane lengculazi.
Le ngqungquthela beyibhekele izinhlelo zomnyango wezempilo zokuvikelwa kokusabalala kwegciwane lengculazi nofuba.
Imishanguzo yokugwema ukungenwa yigciwane lengculazi ipre-exposure prophylaxis (PrEP) iqale yanikwa abantu abadayisa ngomzimba nabantu besilisa abalala nabanye abantu besilisa. Iqale yanikwa bona ngenxa yokuba sengcupheni kwabo.
Ucwaningo lwaphambilini seluveze kaningi ukuthi abantu abadayisa ngomzimba kuleli baningi kakhulu abangenwa yiHIV.
Phezu kwalokhu omunye umbiko owakhishwa yinhlangano yezempilo i-UNAIDS ngokuqeda ngegciwane lengculazi uveze ukuthi * -57% wabantu abadayisa umzimba banegciwane lengculazi futhi iningi labo abazazi ukuthi banalo yini leli gciwane.
Lo mbiko wawubheka abantu abadayisa umzimba baseCape Town, Johannesburg naseThekwini.
Phakathi kuka-2017 no-2018 balinganiselwa ku-2416 abantu abadayisa umzimba abanikwe iPrEP. Lesi sibalo sibengaphezulu kwesibalo umnyango esasiqondwe ngumnyango nokwenza ukuthi uhlelo lwawo lube yimpumelelo.
Abantu besifazane abasebancane nabo babe sebenikwa le mishanguzo ngoMeyi nonyaka. UDkt Chidarikire uthe kulindeleke ukuthi iqale ihlinzekwe kubantu abasebenzisa izidakamizwa njengoba bona benabantu besifazane abasebancane baziwa njengabantu abasengozini yokuthola leli gciwane ngenxa yokuba phezulu kwezibalo zabo uma beqhathaniswa nabanye abantu kuleli.
Ezinye zezizathu zokuba phezulu kwezibalo zegciwane lengculazi kwabesifazane abasebancane nabantu abasebenzisa izidakamizwa ukungalingani okukhona kubantu besilisa nabesifazane, ukuboshwa kwabantu (abasebenzisa izidakamizwa) nokungazitholi kalula izinayiti ezihlanzekile.
Uhlelo lomnyango wezempilo kuzwelonke lokulwa negciwane lengculazi luhlose ukuhlinzeka abantu abalinganiselwa ku-18 215 ngePrEP phakathi kuka-2018 no-2019.
Isikhulu sesigungu esilwa nokusabalala kwegciwane lengculazi kuleli iSouth African National Aids Council (SANAC), uDkt Sandile Buthelezi, uthe zonke izifundazwe zakuleli nazo zinezinhlelo ezizosiza ukuthi zikwazi ukuhambisana nolukazwelonke.
“Uhlelo lokulwa nokusabalala kwegciwane lengculazi nofuba liwumhlahlandlela wethu. Lwenza ukuthi sihlangane sonke sisebenzisane ukulwa nokusabalala kwegciwane lengculazi,” kusho uButhelezi.
UMnuz Patrick Mdletshe weSection27 uthe yize kukhona okwenziwayo ukuqinisa izinhlelo zokulwa negciwane lengculazi ezifundeni nasezifundazweni zonkana ikakhulu KwaZulu-Natal kodwa ezinye izifundazwe azenzi kahle.