UMNYANGO wezeMpilo kuleli uthi bangaphezu kuka-126 000 abantu abadala asebebhalisele ukugomela iCovid-19, sekulokhu kwethulwe uhlelo lokubhaliswa kwabo ngoLwesihlanu.
Uhlelo lokubhalisa abantu abaneminyaka engu-60 kuya phezulu, i-Eletronic Vaccination Data System (EVDS), luqale ukusebenza ngokusemthethweni ngoLwesihlanu ntambama kanti kubhaliswa kwi-website. Lwethulwa nje abantu abaningi basakhathazekile ngokuthi uhlelo lokugoma kuleli luhamba kancane. Muva nje, kumiswe nokugonywa kwabasebenzi bezempilo abagonywa ngeJohnson &Johnson. Umgomo umiswe ngemva kombiko othi e-United States, kunabesifazane okutholakale ukuthi igazi labo linamahlule ngemuva kokugonywa ngalo mgomo.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Zweli Mkhize, uthe uhlelo lokugoma luhamba kahle futhi luzoqhubeka uma sekutholakele ulwazi oludingekayo.
UNkk Milani Wolmaran, umphathi we-EVDS kulo mnyango uthe ngehora luvuliwe lolu hlelo kubhalise abantu abangu-126 000.
UNkk Wolmaran uthe bayazi ukuthi bakhona abantu abangenawo amaselula abangakwazi ukungena kulolu hlelo wathi umnyango unazo izinhlelo zokuthi abangakwazi basizwe ngabanye abantu emphakathini ngokubhalisa. Lezi zinhlelo uthe zizobe zenziwa ezikhungweni zomphakathi ezinjengamahholo nezinye izindawo ezizomenyezelwa.
" Sizoqinisekisa ukuthi kuphephile, siyazi ukuthi bakhona abantu abangenawo kwawona amaselula kodwa uma ungakwazi ukubhalisa ngohlelo lwezobuchwepheshe uyakwazi ukuyobhalisa esikhungweni sokugoma kodwa asifuni ukuthi kube nabantu abaningi abashaye ujenge kulezi zikhungo. Uma usubhalisile uzothola umyalezo okutshelayo ukuthi usuku lwakho lokugoma lunini. Ubuchwepheshe buyathuthukiswa njengoba luqhubeka sizolokhu siluthuthukisa kuze kube abantu abaningi bayakwazi ukulusebenzisa," kusho yena.
UDkt Mkhize uthe uhulumeni ufuna ukugoma kuqale ngalabo abasengcupheni yokuthola iCovid-19 okungabantu abadala, nabagulayo. Unxuse amalungu omphakathi akwaziyo ukusebenzisa ubuchwepheshe ukuthi asize abantu abadala abangakwazi ukuzibhalisa