OWESIFAZANE osola umfundisi wodumo lwezimangaliso ngokumdlwengula, uMnuz Timothy Omotoso, uthi wayekade efuna uthando angazange aluthole ekhaya njengoba wayenobaba owayebahlukumeza.
UNksz Cheryl Zondi, ubekhuluma emcimbini we-Articulate Africa Book and Art Festival obuse-Exhibition Centre eThekwini muva nje.
UNksz Zondi obe nogazi kwabaningi ngesikhathi ethula ubufakazi kuleli cala elibhekene no-Omotoso elisaqhubeka enkantolo, uthe ukuhlukunyezwa kukanina nguyise kwamenza wafuna ukuthola uthando kwenye indawo.
“Ngaya enkonzweni ngoba ngifuna ukuthola uthando lukaNkulunkulu njengoba ubaba wami engazange angithande, wayehlukumezana. Umfundisi wasebenzisa inkolo yami ukudlala ngami. Wasebenzisa igama likaNkulunkulu ukuze angihlukumeze,” kusho uNksz Zondi.
Uthe kwathi noma unina esenze konke ukuba aphume kuleya ndawo “eyayiyisihogo” kodwa waphinde wabuyela ngoba ezitshela ukuthi wonile kuMdali ngokubaleka.
“Ngangizitshela ukuthi uma ngingasamgculisi umfundisi ngocansi, kuzokwenzeka njengoba ayesho ethi ngeke ngilibone iZulu futhi kobe angenzi kahle kuMdali. Ngangizitshela ukuthi konke okwakwenzeka kumina kwakufanele kwenzeke,” kusho uNksz Zondi.
Uthe ukuhlukumezeka kwakhe ngale ndlela kwenza abone ukuthi impilo yakhe ngeke iphinde ifane nakuqala, uthe lokhu okwenzeka kuphazamisa ngisho nempilo yakhe ethinta ezothando njengoba kungelula ukuvumela umuntu wesilisa eduze kwakhe.
Omunye obekhuluma kulo mcimbi, uNksz Vanessa Govender, owayeyintatheli nosebhale incwadi ethi Beaten but not broken, uthe ayethandana naye wayemshaya ngisho esemsebenzini.
“Ukuhlukunyezwa kwami okuningi kwenzeka lapho sasipaka khona izimoto emsebenzini. Wayengishaya, ngisho nabaphathi emsebenzini sebazi ukuthi ngiyashaywa kodwa akekho owake wangisiza. Kwakunzima ukuphuma kulobu budlelwane ngoba ngikhuliswe ngokuthi umuntu uyafihla uma enenkinga kwezothando, awunekeli izwe ngezinkinga zakho. Ngangizizwa nginamahloni ngokuhlukunyezwa,” kusho uNksz Govender.
Uthe ayethandana naye wayeke amshayele ukuthi uhleka nomunye umuntu wesilisa, kokunye ashayelwe ukuthi ugqoke kahle noma uyamamatheka nje.
“Wawuvele uzwe ngempama nje, noma ngabe yisiphi isizathu anaso wayengishaya nje. Ngagcina ngingasakwazi nokufunda izindaba ngoba ngake ngashaywa ngiqeda ukuphuma emoyeni. Kwangiphazamisa emsebenzini wami, ngagcina sengiwushiyile ngaya kwenye indawo,” kusho uNksz Govender.
Omunye wesifazane obegeqa amagula ngokudlwengulwa esemncane, uNksz Slungile Mavundla, obhale incwadi ethi: Owesifazane onamandla. Uthe ukudlwengulwa eneminyaka engu-10 yisihlobo sakhe, kwenza wangakwazi ukuphinde athande umuntu wesilisa, uthe yize eseke washada, waba nezingane kodwa uthando lomuntu wesilisa akazange abe nalo.
“Kwaba nzima kakhulu ngoba ngangishade nomuntu owayengihlukumeza, eqonywa. Uma ngike ngambuza ukuthi uvelaphi avele angishaye,” kusho Nksz Mavundla.
Unina womsakazi uMasecheba Ndlovu, uNksz Sbongile Promise Khumalo, naye owahlukunyezwa esekudingisweni, uthe kumele uhulumeni wakuleli ayeke ukuba nomkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane izinsuku ezingu-16 kuphela kodwa kumele kube into eyenziwa zonke izinsuku ngoba baningi abesifazane abahlukumezekile kodwa bengasho, abanye bengazi ukuthi kumele baye kuphi,” kusho uNksz Khumalo.