Izindaba

Bane abashonile kuhlasela oshayasibhamu KwaMashu

Nonkululeko Nhlapo|Published

AMAPHOYISA amatasa nophenyo ngemva kwesigameko sokuhlaselwa kwabantu ehostela eliKwaMashu Isithombe: GCINA NDWALANE

AMAPHOYISA athungatha abasolwa ababalelwa ku-20 abahlomile kulandela isigameko sokuhlaselwa kwabantu ehostela laKwaMashu

Akuqondakali okwamanje ukuthi yini imbangela yokuhlaselwa kwalaba bantu ngoba nendawo yesigameko ibonakala kungeyokuphuzela. Amaphoyisa asendaweni yesigameko futhi isavaliwe njengoba esaqoqa ubufakazi.

UMnuz Sandile Gwala, oyikhansela endaweni utshele abezindaba ukuthi uthole umbiko ngesigameko sokudutshulwa kwabantu emgwaqweni uKholwa.

“Ngithole ucingo lungibikela ngokudutshulwa kwabantu kule ndawo, ngibe sengithinta umphathi wamaphoyisa, ngesikhathi nami ngisondela endaweni yesigameko. Ngesikhathi ngifika, ngithole ukuthi bathathu abashonile kanti abanye abalimele baphuthunyiswe esibhedlela,” kusho uGwala.

Okwamanje akwaziwa ukuthi bangaki abantu abalimele, kulindelwe umbiko wamaphoyisa ozotholakala uma sebelugoqile uphenyo lokuqala ngoba kumanje bamatasa endaweni yesigameko.

Ebuzwa ngezinga lodlame endaweni, uGwala uthe sekwaba yinsalavukela futhi kalipheli isonto singabanga khona isigameko sokudutshulwa nokubulawa kwabantu. Uthi inkinga wukuthi baningi abantu abahlala endaweni ngakho kunzima nokuqonda imbangela yodlame nokuhlaselana kwabantu okwenzaka lapha.