ABAHLAZIYI bepolitiki bathi oNgqongqoshe abathinteka ekusetshenzisweni kombuso kufanele basike iphethini kobenguNgqongqoshe weziMali uMnuz Nhlanhla Nene ocele uMengameli Cyril Ramaphosa ukuba amdedele kulesi sikhundla.
URamaphosa omemezele lokhu esithangamini sabezindaba ebesiseKapa, uphinde wamemezela uMnuz Tito Mboweni njengoNgqongqoshe omusha weziMali.
Umhlaziyi wepolitiki uMnuz Thabani Khumalo uthe oNgqongqoshe abathinteka ekulawulweni kombuso yidlanzana kufanele bathwale imithwalo yabo bahambe.
“URamaphosa akulula ukuthi abaxoshe ongqongqoshe abathinteka ekulawulweni kombuso yidlanzana kodwa kufanele baziqoqele umthwalo ngoba ukuhamba kukaNene kuyakhombisa ukuthi nabanye abathintekayo kuzoba lula ukuthi uRamaphosa abathathele izinyathelo,” kusho uKhumalo.
Omunye umhlaziyi wepolitiki uMnuz Bukani Mngoma uthe ongqongqoshe abathinteka ekulawulweni kombuso yidlanzana kufanele ukuthi besule emuva kokubona uNene ezehlela esikhundleni futhi exolisa, kodwa ngeke bakwenze lokhu.
“Siyabazi ongqongqoshe abathintekayo ukuthi babegcwele kwikhabhinethi kalowo owayenguMengameli, uMnuz Jacob Zuma futhi uRamaphosa ngeke abaxoshe ngoba akafuni ukubonakala njengomuntu obahlukumezayo ngoba babengameseki eNasrec. Siyafisa ukuthi basike iphethini kuNene kodwa ngebhadi angikuboni kwenzeka lokho, bazolinda ukuthi uRamaphosa abaxoshe,” kusho uMngoma.
Mayelana nokuqokwa kukaMboweni, uMngoma uthe yisinqumo esihle lesi ngoba ungumuntu onesipiliyoni esifanele kwezezimali kwazise uke waba wuNgqongqoshe wezabaSebenzi, waba nguMphathi webhange lombuso njengoba esewuNgqongqoshe weziMali.
“URamaphosa uqoke umuntu aziyo ukuthi ngeke alokhu emshintsha njalo futhi uzojatshulelwa naziyizimakethe. Ngimbona ebuya nangonyaka ozayo uma i-ANC inqobe ukhetho,” kusho uMngoma.
UKhumalo uthe kufanele ukuthi uMboweni waba wuNgqongqoshe weziMali ngehlandla lesibili likaZuma kodwa wangangena kulesi sikhundla kwaze kwaqokwa oMnuz Des van Rooyen abacishe bawisa umnotho wezwe.
“Ungumuntu owaziwayo kwezezimali uMboweni futhi yize ebengasekho ebuholini obuphezulu be-ANC kodwa ubeqhubeka nokubhala kakhulu ngezindaba ezithinta imali nohulumeni. Ukuqokwa kwakhe kufike ngesikhathi esifanele futhi kubuyisa ithemba kubantu ukuthi i-ANC izimisele ukuba nabaholi abanonembeza abazofukula umnotho wezwe,” kusho uKhumalo.
Uthe yize uNene ezicelele yena ukuhamba kodwa lokhu akusho ukuthi unecala elithile ngoba akukho okubi okuvelayo emihlanganweni aba nayo nabakwaGupta.
“UNene usize isizwe ukuthi singabi nesikweletu senuzi. Ukhombise ukuba nonembeza nokuthembeka kubantu baseNingizimu Afrika ngokuxolisa bese eyasula. Angikholwa ukuthi kuzoba nzima ukuthi athole umsebenzi ezinkampanini ezizimele,” kusho uKhumalo.
Isazi somnotho nezomthetho, uSolwazi Bonke Dumisa sithe izimakethe zijabule ngokuqokwa kukaMboweni futhi akangabazi ukuthi uzothatha iNingizimu Afrika ayibeke kwelinye izinga.
“Izimakethe zimamukela kahle ngenxa yokuthi wayewumphathi webhange lombuso owayewushaya umsebenzi wakhe,” kusho uDumisa.
Esinye isazi somnotho uMnuz Dawie Roodt sithe ukuqokwa kukaMboweni yisinqumo esihle esenziwe wuRamaphosa ngoba ubengekho kwikhabhinethi kaZuma okusho ukuthi akanawo amachaphazelo okusetshenziswa kombuso.
Mayelana nokuhamba kukaNene, uRoodt uthe akangabazi ukuthi uzothola umsebenzi ezinkampanini ezizimele ngoba ukhombise ukuba wumholi ononembeza ngokuxolisa uma enephutha.