SINCONYWE nxa zonke isinqumo sePhalamende sokuphasisa umthetho olawula imishado yesintu.
NgoLwesibili, amalungu ePhalamende avotele ukuthi ushintshwe lo mthetho ukuze unikeze amalungelo alinganayo kwabesifazane abashade ngokwesintu.
Ukushintshwa komthetho kulandela isinqumo senkantolo yoMthethosisekelo sango-2017, esathola ukuthi umthetho ubandlulula abesifazane abashade ngokwesintu.
Sekusezandleni zikaMengameli Cyril Ramaphosa ukuba awusayine, ukuze uqale ukusebenza. Isazi kwezamasiko uSolwazi Sihawu Ngubane, sithe njengoba izwe selibuswa ngokwentando yeningi, bese kufanele ukuthi ushintshwe lo mthetho.
“Siyazi ukuthi ngokwesiko amandla amaningi aba kunkosikazi wokuqala. Noma ubaba efuna ukuthatha unkosikazi wesibili, bekufanele ukuthi acele kunkosikazi wokuqala. Uma eshona ubaba bekuba ngunkosikazi wokuqala owengamela wonke amafa. Lokho kuyahlupha ngoba nabanye omama nabo banezingane, ezinezidingo okufanele zinakekelwe,” kuchaza uSolwazi Ngubane
Isazi kwezomthetho uMnuz Mpumelelo Zikalala weZikalala Attorneys, uthe kufanele engabe kade washintshwa umthetho, wakhala ngokuthi ubucindezela abesifazane.
“Lo mthetho ubuncisha omama amalungelo ngoba bebengenazwi. Bekuba nenkinga uma ubaba engasekho, kungazeki ukuthi kufanele kwenzekeni ngefa likababa. Obekuyinkinga kakhulu ngaphansi kwalo mthetho ukuthi ifa likababa belifaka ngisho izinto ezithengwe omama, ngoba omama bebencishiwe amalungelo okuba nempahla ethi bona. Konke bekubiza ubaba, ” kuphawula uMnuz Zikalala.
UZikalala uthe miningi eminye imithetho yakuleli okusafanele icutshungulwe, wathi ayihambisani nesikhathi esiphila kuso.
Onohlelo lwesithembu kumabonakude uMusa Mseleku, uthe lesinqumo sePhalamende siwukunqoba kubo bonke abasesithenjini.
UMseleku uphawule kanje: “Lokhu kuzosiza ekutheni uma indoda ihlulekile ukwenza kube nokulingana ekhaya isaphila, umthetho uzokwazi ukwenza kube nokulingana uma indoda ingasekho.
“Kuyishwa ukuthi kuze kube nesinqumo senkantolo yoMthethosisekelo kanye nesePhalamende esisiphoqayo ukuthi senze kube nokulingana. Bekufanele engabe thina besizenzela ukuthi kube nokulingana, ngale kokuthi kuze kube isinqumo senkantolo noma esePhalamende.”
UMseleku uthe lesi sinqumo sizomsiza kakhulu emizameni yakhe yokubuyisa isithunzi sesithembu. Omunye wabesifazane ongunkosikazi wesibili esithenjini, ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa, uthe lo mthetho uzomlekelela kakhulu.
“Yebo ubaba wakwami vele njengamanje uyihlukanisile imfuyo, kukhona eyakwamama omdala neyakwami. Kepha kwezezimali angazi ukuthi ubebhale bani. Senginokukhululeka njengoba sekukhona lo mthetho ngoba ngiyazi ukuthi sizothola okulinganayo sonke,” kusho owasesithenjini.
Kepha omunye wesifazane oshadele esithenjini ocele ukungavezwa, uthe lo mthetho uzofika emuva kwendaba. Lo wesifazane uthe mhlawumbe ukuba umthetho waphasiswa eminyakeni ewu-10 edlule, ngabe kukhona akutholayo emafeni omyeni wakhe.
“Wonke amafa omyeni wami, angamelwa inkosana. Mina nezingane zami asizange sithole lutho,” kusho lo wesifazane owashonelwa umyeni ngo-2014.
Khona manjalo namaqembu ezepolitiki akushayele ihlombe ukuphasiswa komthetho.
USotswebhu we-ANC uNkk Pemmy Majodina, uthe lo mthetho ukhombisa ukuthi i-ANC izimisele kangakanani ukuvikela amalungelo abesifazane.
Ilungu le-IFP uMnuz Russel Cebekhulu, lithe kuyihlazo ukuthi iPhalamende lilinde ukuthi kuze kube nesinqumo senkantolo ukuze liphasise lo mthetho.
Ilungu le-UDM uMnuz Nqabayomzi Kwankwa, lithe lo mthetho uzosiza ekuvikeleni amalungelo abesifazane.
UKwankwa ubeke kanje: “Kunezigameko eziningi esizaziyo lapho uthola ukuthi umama obekade eshade iminyaka, usala engenalutho uma sekushone ubaba. Iningi labo ligcina selihlala ezihlotsheni ngenxa yokuswela indawo.”
Ilungu leCOPE uMnuz Willie Madisha, lithe lo mthetho uzoshintsha umkhuba wokuthi unkosikazi umdala abhozomele wonke amafa emuva kokushona kukababa wekhaya.
“Lokhu kugcina kuholela ekutheni amanye amakhosikazi agcine esehlupheka, kodwa umama omdala nezingane zakhe baphile kahle.
UMnuz James Selfe weDA, uthe umthetho awubavikeli abesifazane abakhetha ukuphuma kule mishado.
Ngonyaka odlule isiShayamthetho saKwaZulu-Natal sayalela izithunywa zaKwaZulu-Natal kwindlu yomkhandlu wezifundazwe, ukuthi zivotele ukuthi uguqulwe lo mthetho uma sekuvotwa ePhalamende.