Izindaba

Bancoma ukukhalipha kukaGumbi

Khethukula Sangweni|Published

UNat "Cool Cat" Gumbi owaduma emsakazweni Ukhozi FM UNat "Cool Cat" Gumbi owaduma emsakazweni Ukhozi FM

KUKHALWA nxazonke ngokudlula emhlabeni kukaNat “Coolcat” Gumbi (64) owayesilomo emsakazweni uKhozi FM eshayela uhlelo lwezingane, UKhozi Lodado.

UGumbi, oshone izolo ekuseni, uficwa wukufa nje ubesesebenza eMnyangweni wezokuThutha KwaZulu Natal, emkhakheni wezokuXhumana. Kuthiwa ubexinwe ukugula nje okube yisikhashana wangeniswa esibhedlela, wabuye wakhishwa.

Ushiya emhlabeni izingane ezintathu nonkosikazi wakhe uNkk Zodwa Gumbi, ongumhlengikazi ozinze eLondon.

Okhulumela umndeni, uMnuz Dumisani Shange, uthe nabo basashaqekile balinde unkosikazi wakhe ukuthi abuye phesheya.

“UGumbi ushonele ekhaya namhlanje (izolo) ekuseni, amalungiselelo omngcwabo sisazowenza ngoba nonkosikazi usethintiwe. Impela sibuhlungu ngokushona kwakhe,” kusho uShange.

UNgqongqoshe woMnyango, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe balahlekelwe kakhulu njengoba uGumbi ubesebenza ezinhlelweni zomnyango eziningi.

“Akuwona wodwa umndeni wakhe olahlekelwe kodwa nathi sigqemeke engeqiwa ntwala, silahlekelwe yindoda ebikhaliphe kakhulu. Sidlulisa okukhulu ukuzwelana nomndeni wakhe sithi mawududuzeke,” kusho uKaunda.

UNksz Zamambo Mkhize, ophethe i-SABC KwaZulu Natal, uthe bazomkhumbula njengomuntu owayenothando lomsebenzi nabalaleli.

“Sonke sibhonga emswanini ngokudlula kukaGumbi, umuntu obezinikela ebamba yonke indawo nakuthelevishini esiza. Akukho owawumnika khona kumehlule, ubeyindoda eyenza umsebenzi ngentshisekelo engumuntu wabantu.

“Nomndeni sithi mawududuzeke uthobeke amanxeba,” kusho uNksz Mkhize.

Owake wasebenza noGumbi uMnuz Welcome “Bhodloza” Nzimande uthi kuhambe indoda ebikhaliphile kakhulu, eyayihlala iqhamuka namaqhinga amasha.

“UGumbi sasebenza kakhulu naye sakha uRadio Zulu. Wayenamaqhinga kakhulu eqhamuka nezinto eziningi ezintsha. UKhozi Lodado, u Zakhala Izingcingo nohlelo olwaluthi Kubheda Uhlelo, k waqhamuka naye. Siyakhala kakhulu, silahlekelwe thina esake saphila naye,” kusho uNzimande.

Omunye okhale kakhulu ngokudlula emhlabeni kwale nkakha yomsakazi nguLinda “Mr Magic” Sibiya, othe kwasona leso siteketiso adume ngaso wasiqanjwa nguyena uGumbi.

“Lezi zindaba ziyangethusa kakhulu, phela nguye owangifundisa ukusakaza waze wangipha nesidlaliso sikaMr Magic,” kusho uSibiya.

Uthe uGumbi wayengumuntu wamancoko.

“Wayehlekisa enza imilingo yakhe, enekhono lokufundisa abantu. Uhlelo UKhozi Lodado ngeke luphinde lufane nalolo olwaluphethwe uyena,” kusho uSibiya.