UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal umise othisha ababili besikole Umlazi Comprehensive Technical High (ComTech), abasolwa ngokujola nomfundi okuGrade 12 kulesi sikole.
Isolezwe libike ngalolu daba ngeledlule lapho abazali babafundi baseComTech bebekhalaza ngokuthi bona bathumela izingane ukuthi ziyofunda, hhayi ukuthi zijole nothisha.
Umfundi kaGrade 12 wabhadanywa ngabanye othisha eqabulana nothisha wesilisa endlini yangasese yomtapowolwazi wesikole ngoJulayi 2.
Umfundi wabuzwa ukuthi kwenzekani phakathi kwakhe nothisha waveza ukuthi bayathandana futhi akusiye uthisha wokuqala athandana naye, ukhona omunye okusona lesi sikole ayenobudlelwano naye.
Izolo uNgqongqoshe woMnyango uMnuz Kwazi Mshengu uthe: “Sihlale sisho ukuthi ngeke sikubekezelele ukuba nothisha abasebenzisa amandla abo ukuxhaphaza abafundi. Yingakho sithathe isinqumo sokumisa othisha ababili abathinteka kulolu daba.”
Uthe othisha abaningi bayawuthanda umsebenzi wabo futhi bayawuhlonipha, bazimisele ngokufundisa abafundi kodwa kukhona labo abahlale befuna ukungcolisa lo mkhakha.
Encwadini ebhalwe wumfundi, Isolezwe elinekhophi yayo, uthe akukona okokuqala ethandana nothisha. Ngonyaka odlule ubethandana nomunye kodwa babuye bahlukana.
Kuthe ngesikhathi sikathaqa sesigaba sesihlanu uthisha obanjwe eqabulana nomfundi wamvakashela kubo, baqala lapho ukuthandana.
Ngokusho komfundi ubudlelwano babo bebufana nobezithandani ezijwayelekile bexhumana nangoWhatsApp njengoba beze babanjwa beqabulana endlini yangasese.