Simphiwe Ngubane
BAVELE bayinyomfa abazali besikole iSiphumelele Primary, eZimangweni, eNanda, bemisa abasebenzi abebelungisa uphahla lwesikole ngoMsombuluko ekuseni.
Kuthiwa baphume ngesamagundane esikoleni abasebenzi bekhishwa ngabazali, kwafika namaphoyisa abezoqapha isimo.
Abazali abafuni kulungiswe uphahla kodwa kuguqulwe isikole sibe yisitezi abathi babesithenjiswe sona yikhansela lendawo eku-ward 107 kuMasipala weTheku.
Bafuna kucaciswe ukuthi ushonephi uR28 million abathe ikhansela labatshela ukuthi ubekelwe umsebenzi wokwakha isikole esiyisitezi.
Kuthiwa amalungu omphakathi afune ngodli izimpendulo kusonkontileka aqale akhuluma naye emgwaqweni qede ambizela emagcekeni ehholo lomphakathi emhloma imibuzo.
Kulapho okuthiwa usonkontileka ugcine esebavezele khona amaphepha abenepulani yesikole esiyisitezi obekumele sakhiwe.
Omunye wabazali uthe kuzobeka impilo yabafundi engcupheni ukulungiswa kwesikole ngesikhathi sokufunda.
“Kuzokwakhiwa izingane zikhona esikoleni, kuphi ukuphepha lapho? Akumiswe ukufakwa kophahla bese kwakhiwa esithenjiswe khona. Iphi imali yesikole esiyisitezi okwathiwa izokwakhiwa ngayo?” kubuza umzali.
Uthe okubacasula kakhulu ukuthi alibonwa nangokhalo ikhansela lizobanika izimpendulo ngokuqhubekayo esikoleni.
Ikhansela uMnuz Njabulo Mabanga uthe lusazoqhubeka uhlelo lokwakhiwa kwesitezi. Njengamanje balungisa lezo zakhiwo ezindala bandise isibalo samakilasi.
“Ukhona umhlaba ohlwayiwe emagcekeni esikole okuzokwakhiwa kuwona izitezi ezimbili. Njengamanje kulungiswa lezo ezindala ngoba ngeke sidilize zonke izindonga zesikole,” kusho uMabanga.
Uthe akukhona nje ukwenza izithembiso kepha ukudlulisela umphakathi ngezinhlelo zaboMnyango wemiSebenzi yoMphakathi nowezeMfundo okuyibona abaqhuba uhlelo lokwakhiwa kwesikole.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe bazolandela ukuthi kuqhubekani kulesi sikole.
Uthe uma kunohlelo lomnyango lokulungiswa kwesikole, akekho umuntu ovunyelwe ukulumisa.