UNOBHALA-JIKELELE wophiko lwentsha lwe-ANC uNksz Thandi Moraka, usenxuse ukuthi asule esikhundleni uMengameli walolu phiko, uMnuz Collen Maine, ngokuqamba amanga nokuba yigwala.
UNksz Moraka uthe uMaine akakulungele ukuhola le nhlangano ngoba akathembekile futhi ungumdayisi.
Ekhuluma esikhumbuzweni sesishoshovu uNkk Winnie Madikizela-Mandela izolo, uNksz Moraka uthe uMaine waxolisa ngokweseka uDkt Nkosazana Dlamini Zuma engqungqutheleni yaseNasrec ngoDisemba.
“UMaine uyigwala, akumele abe ngumholi wentsha. Waya kuMengameli Cyril Ramaphosa wayoxolisa ukuthi seseka uDkt Dlamini Zuma. Wayezixolisela siqu sakhe engamele thina,” kusho uNksz Moraka.
“Unamanga. Akumele ubizwe ngomholi wentsha. Asikwazi ukuba nomholi oculela isisu sakhe kubaholi bakazwelonke. Kumele asule ngokushesha,” kuqhuba uMoraka.
Uthe bayamnxusa ukuthi asule ngokwehlisa isithunzi salolu phiko.
Inkulumo yakhe yamukelwe ngabebehambele le nkonzo okubalwa uDkt Dlamini Zuma, uNkk Maite Nkoana-Mashabane, uMengameli wophiko lwabesifazane kwi-ANC uNksz Bathabile Dlamini nelungu lesigungu esiphezulu se-ANC uMnuz Tony Yengeni.
UNksz Moraka ugxeke amalungu ale nhlangano angazange amphakamise uNkk Madikizela-Mandela esigungwini esiphezulu sale nhlangano.
“UMam’ Winnie wayefuna ukuba yilungu lesigungu esiphezulu kodwa wangaphakanyiswa engqungqutheleni. Kumele sixolise ngalokhu.”
Ugxeke owayenguMengameli wezwe uMnuz Thabo Mbeki noMbhishobhi Desmond Tutu. Egxeka uMbeki uthe akazange ahlukumezeke njengoba kwenzeka kuNkk Madikizela-Mandela ngesikhathi sobandlulo.
Ubephendula izinkulumo zikaMbeki owayekhuluma ngalesi sishoshovu.
“UThabo Mbeki akakaze awuzwe umthelela wobandlululo. Uma ayezonda uMam’ Winnie kumele asizonde sonke. Khulekelani uTutu, owazama ukugxeka uMama uWinnie ngento angayenzanga ukuze ahlonishwe njengoMbhishobhi, kumele aphumele obala achaze ngokwenzeka kwikhomishini yaMaqiniso nokuBuyisana.”
UMaine usanda kuphumela obala ngokuthi uSihlalo we-ANC eNorth West ophinde abe nguNdunankulu uMnuz Supra Mahumapelo nguyena owamethula emndenini wakwaGupta hhayi obenguMengameli uMnuz Jacob Zuma.