USINDE emlonyeni wengwenya owesifazane waseMona, eNdwedwe, esephuziswe upharafini, wabhunyelwa nangawo, yizigebengu zifuna ngodli imali yesitokofela.
UNksz Zanele Khuzwayo (36) kuthiwa ungenelwe ngamadoda amane elele ngoLwesibili ebusuku, ashaqa uR28 300 obuyingxenye yemali yesitokofela abeyifihle endlini.
Enye imali engu-R20 000 uthe isinde ngoba wayeyinikeze uyise ukuthi ayifihle kwenye indlu.
Uthe lamadoda amthole elele nengane yakhe eneminyaka emine, amgxisha ithawula emlonyeni, alithi ngqi ngeduku.
“Bangidonse embhedeni bangihudulela phansi. Ngithe ngiyazama ukulwa bangishaya, bangikhomba ngezibhamu. Bangibopha izandla nezinyawo ngentambo. Kukhona impushana ababelokhu bengigxisha yona emlonyeni maqede bangiphuzisa upharafini.
“Bangibhunyele ngawo upharafini emzimbeni bathi bazongishisa uma bengayitholi imali yesitokofela,” kusho uNksz Khuzwayo.
Uthe ulanyulelwe ukuthi bagcine belitholile ipotimende abefihle kulo imali, balidabula ngommese eceleni njengoba belikhiyiwe.
“Bangishiye bethi bangibulele. Ngize ngatholwa ingane yami ekuseni ngiqulekile. Iyona ehambe yayobiza umama endlini enkulu. Ngize ngaphaphama emtholampilo.
“Kungiphatha kabi ukuthi amanye amalungu esitokofela acabanga ukuthi nginamanga, yinto ebihleliwe. Amanye awakaze eze ngisho ukuzongibona ngemuva kokuhlaselwa kwami,” kusho uNksz Khuzwayo.
Uyise kaNksz Khuzwayo, uMnuz Zwelabantu Khuzwayo (66), uthe kuyacaca ukuthi indodakazi yakhe idayiswe ngelinye lamalungu esitokofela.
“Ubanjwa inkunzi nje ngoMsombuluko babehlangene besho ukuthi imali isihlangene. Bekumele kuhlukaniswe ngoMgqibelo (izolo).
“Bese bethumelile nelinye ilungu ukuthi liye esitolo sokudla abazothenga kuso ukuyobheka ukuthi imali abanayo izokwanela igilosa abayifunayo,” kusho uKhuzwayo.
Uthe abazwanga lutho ngesikhath indodakazi yakhe ihlaselwa, babona ngomzukulu wakhe ekuseni esethi unina uphuze ushevu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseNdwedwe aphenya icala lokugqekezwa komuzi.
Bheka ikhasi 8