Khulekani Maseko
Umgwaqo uR33 ophakathi kweDundee nePomeroy, usale ugqejulwe ngamapiki amalungu omphakathi abediniwe ekhala ngokungabuyi kwezimpendulo encwadini yawo enohlu lwezikhalo okugqame kuzo esokungabi bikho kwamanzi endaweni okuthiwa sekuphele iminyaka emine umphakathi kunjalo.
Ngeledlule amalungu omphakathi abhikishile ahambisa incwadi enohlu lwezikhalo kwiziphathimandla zikaMasipala waseMsinga ebezihlose ukuthi idlulele kuMasipala wesifunda uMzinyathi nakuNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu, uMnuz Sipho Hlomuka, anikeza umnqamulajuqu wezinsuku eziyisikhombisa ophele ngoMsombuluko.
UMnuz Boysie Gumede osekomitini lomphakathi, uthe ukucekelwa phansi kwengqalasizinda kahulumeni bayakugxeka kakhulu kodwa wathi indaba yamanzi seyibe yinkinga isikhathi eside, izikhulu zikamasipala aziyisukumeli.
“Sekube nemibhikisho eminingi eTugela Ferry, Pomeroy, Gordon naseNdanyane. Incwadi yezikhalo kuze kube manje ayiphendulwa,” kusho uGumede.
Encwadini yezikhalo umphakathi usabise ngokuvala zonke izintuba kusuka ngoLwesihlanu kuze kube kuyahlangatshezwana nezimfuno zawo nakuba sewuvele uqalile ukuvala izolo.
Kuphinde kwavela ukuthi amanye amakhansela alethelwa amanzi emizini yawo athululelwe emathangini.
Ngaphandle kwamanzi, umphakathi ukhala nangemali enguR900 000, othi kwakuhloswe ngayo ukuthi kuthengwe izinsiza zokuzivikela kwiCorona.
Okhulumela uMasipala waseMzinyathi, uNksz Nomonde Nzimakwe, uthe iziphathimandla zikamasipla zihlangane namalungu omphakathi ngeledlule.
“Sibe nomhlangano nezikhulu zikamasipala waseMsinga kudingidwa lolu daba. Sibe nomunye ngoMsombuluko lapho kuqhanyukwe nesisombululo sokuthi sizoya emphakathini ngoLwesibili oluzayo.”