LUSEMAPHOYISENI udaba lwekhansela laseVerulam okuthiwa litaxa izingane zamalungu omphakathi ngemvubu kungabi ndaba zalutho endaweni.
Umthombo olwazi kahle udaba uthi ziningi izigameko zokutaxwa kwabantu ngemvubu ikakhulukazi uma kuyokhiwa amanzi elolini.
Kuthiwa uphelezela imoto yamanzi ephethe imvubu engahleki. “Izingane zike zafika nje zithi zizokha amanzi ziphethe izigubhu ezincane wathi akazifuni izigubhu ezincane ufuna ezinkulu.
Ubhaxe ingane ngemvubu kanzima kabi namacala uma evulwa akaboshwa lo muntu. Alisiphethe neze kahle ikhansela lethu asisazi manje,’’ kubalisa umthombo.
Kuthiwa uma kufika imoto kuyaziwa ukuthi ikhansela lisuke lihamba liviliyela nemvubu libheka elingase limxebule.
Lo mthombo ulinxusile uphindelela iphephandaba ethi lingalinge liwuveze ngoba nawo uyasaba ukutalajwa ngemvubu.
Uqhube wathi amalungu omphakathi aseke aze acela umhlangano nomphathi wabaseshi ukuze bezwe kahle ukuthi kuvinjwe yini ukuboshwa kwakhe bebe abantu befa yimvubu.
Umthombo uthe akufanele umholi womphakathi agcine esesatshwa kangaka ngenxa yodlame analo kubantu abaholayo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe likhona icala eliphenywayo.
“Kuthiwa umfana oneminyaka engu-8 wabhaxwa wumsolwa owaziwayo kodwa udaba lusaphenywa amaphoyisa aseVerulam,’’ kuchaza uGwala.
Ikhansela (igama ligodliwe) lithintwa ngalolu daba lithe ngeke likhulume lutho liyophendula uma libekwa icala.
“Ngabe kungcono ukuba ungibuza ngentuthuko manje indaba yecala ngeke ngikwazi ukuyiphendula. Uma uthi kunecala ngizobhekana nalo kodwa okwamanje angikaze ngithintwe muntu ngalo. Angifune kusho lutho ngalolo daba nje,’’ kusho ikhansela.
Libuzwa ngezinsolo zokusebenzisa imvubu lithe alifuni kwakuphendula ngalokho.