BAKHATHAZEKILE abaholi bomphakathi eHammarsdale ngokwanda kwamantombazane angena empilweni yokuba ngamaphara ngenxa yokuzinikela ezidakamizweni.
Lokhu kuvezwe yikhansela laku-ward 6 kule ndawo, uMnuz Lucky Mngwengwe, ngesikhathi kunomkhankaso weFuture Leaders ngoMgqibelo, ilwa nokuhlukunyezwa kwamantombazane nokubulawa kwawo. Lo mkhankaso ubizwa ngeDear Daughter/Qhakaza Girl.
Uthe lesi simo sibaphethe kabi endaweni ngoba izingane zamantombazane eziyigugu kubo sezingene ekubeni ngamaphara.
“Siphatheke kabi lapha eHammarsdale ngesimo esisibona ezinganeni zethu zamantombazane.
“Asemaningi kakhulu amantombazane asengamaphara. Lokhu kudalwa wukungena ezidakamizweni okusixakile lapha. Siyafisa impela le mikhankaso kaQhakaza Girl ingene igxile ngoba izimbali zethu lezi ezikhahlanyezwa izidakamizwa,” kusho uMngwengwe.
Uthe utshwala yibo kakhulu osebuthathe indawo ezinganeni zamantombazane.
Unxuse abazali nezinhlaka zomphakathi ukuba basukumele phezulu, balwe nalesi sihlava.
Lo mcimbi obuhanjelwe intsha yamantombazane neyabafana ebiphuma ezikoleni zendawo, uqale ngohambo obelusuka ezitolo kwaMcoyi lwaze lwayophelela ehholo lakwaMagaba kanti namaphoyisa isimo abesiqaphe ngelokhozi.
Usonhlalakahle waseSithabile High eNanda, uNkk Nomonde Nkomonde, uthe utshwala yibo obubeka engcupheni impilo yamantombazane amaningi
Ubuye waveza nokuthi yize kuliwa nokuhlukunyezwa kwamantombazane kodwa nabafana basenkingeni yokudlwengulwa kulezi zinsuku.
“Sibhekene nenkinga enkulu manje yokudlwengulwa kwabafana okukhula nsuku zonke.
“Okubi iningi labo lifela ngaphakathi liyasaba ukusho baze bagcine sebezibulala. Siyafisa le ndaba ikhulunywe ngoba isiyathusa,” kusho uNkk Nkomonde.
Amanxusa eFuture Leaders, okunguNksz Zama Mkhize noNksz Nonjabulo Mdluli ahlomise intsha ngamathuba kwezemfundo nakwezamabhizinisi.