ALENGELWA izembe amalungu e-IFP asolwa ngokuhlasela ngamazwi umsunguli weqembu Inkosi Mangosuthu Buthelezi, emhlanganweni owawubizelwe ukuzozwakalisa ukuzwelana noMnuz Siyabonga Mabilabila Kunene, ngesikhathi exoshwa esikhundleni sokuba yimeya kamasipala waseNquthu.
Ngokuthola kweSolezwe, amalungu eqembu angu-42 atholakale enamacala yikomiti lokuqondisa ubugwegwe ngaphakathi enhlangwanweni. Lawa malungu, okubalwa kuwo osihlalo beziyingi namakhansela, abekade evele phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe kuleli qembu ebehleli ngempelasonto eManzimtoti.
Abebhekene namacala amathathu okuhlanganisa nelokufaka iqembu ehlazweni, ukudala uqhekeko nokuphazamisa ukusebenza kwezinhlaka zeqembu. Okwafaka lamalungu obishini yizinto ezagcinwa zikhulunywa kulo mhlangano owawubizelwe ukuzokweseka uKunene.
Uphenyo olwenziwa yisigungu esiphezulu seqembu lwathola ukuthi emhlanganwenki kwagcina sekuhlaselwa ngamazwi uButhelezi.
Ngokwalo mbiko abanye ababesemhlanganweni bagcina sebebalisa ngokuthi ukungathathi umhlalaphansi kukaButhelezi, kwenza kube nzima kumengameli weqembu uMnuz Velenkosini Hlabisa, ukuba aphathe i-IFP.
Kuthiwa kwaphinde kwaxoxwa indaba yokusungula iqembu elisha lezombusazwe elizohlubuka kwi-IFP, njengoba ababehambele umhlangano bakhala ngokuthi bayazi ukuthi ngeke bazithole izikhundla uma leli qembu selikhetha abazolimela okhethweni lohulumeni basekhaya.
Ekuqaleni angu-80 amalungu ayehlonzwe njengalawo ayekade eyingxenye yalo mhlangano kepha angu-42 kuphela avele phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe.
Umthombo osondelene nodaba uthe amalungu atholwe enecala, sekulindwe izigwebo.
“Kuthiwa izigwebo zabo bazozithola emva komhlangano wesigungu esiphezulu. Bayalelwe ukuba babhalele iqembu lapho bezozikhalela khona,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo, uthe ulindele ukuthi bashaywe ngoswazi oluncane abatholwe benecala.
“Ukhona loyo muzwa wokuthi awukwazi ukuxosha abantu abaningi kangaka ekubeni kuza ukhetho. Ngakho bangase basinde ngenxa yokusabela ukuthi ukuxoshwa kwabo noma ukunikezwa isigwebo esiqinile kungadala uqhekeko eqenjini.”
Kubuzwa okhulumela iqembu ngodaba uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe lolu daba alukaphothulwa, wathi iqembu lizokhipha isitatimende uma seluphothuliwe. La mazwi ananelwe uHlabisa, othe iqembu alifihliu uma kukhona izinqumo elizithathile.
Lo mhlangano wawuhanjelwe yilabo abasohlangothini olwaziwa ngama-AU (Abusekho Ubunzima) kwi-IFP. Abaholi balo baseka uHlabisa, kanti kuthiwa bagcina behlasela ngamazwi abaholi abasohlangothi olwaziwa ngamaKKK (Konke Kuhamba Kahle).