BASHIYE umsebenzi wabo wokuqapha izitimela nabagibeli onogada abasebenza esiteshini sezitimela esiseBerea, eThekwini, bekhala ngakungaholelwa.
Lesi siteleka siqale ngoMsombuluko kanti nayizolo besisaqhubeka. Abasebenzi abacele ukungadalulwa ngoba besaba ukuxoshwa, batshele Isolezwe ukuthi bagcina ukuhola ngoDisemba kanti inkampani ebaqashile iNsingizi Security, ayikabaholeli uJanuwari.
Bathi babone kungcono balaxaze umsebenzi ngoba sebekhathele wukungaholi, bengatshelwa nesizathu.
Bathi abazi ukuthi isikhath sempesheni sigcine nini ukukhokhelwa. UMnuz Zama Nomnganga okhulumela iPassenger Rail Agency of South Africa (Prasa) KwaZulu-Natal, uvumile ukuthi kunesiteleka sonogada abangaholeliwe yinkampani yabo.
Uthe iPrasa ike yabambezeleka ekukhokheleni izinkampani esebenzisana nazo kodwa abanikazi bazo batsheliwe ngezingqinamba ebezibhekene nePrasa.
“Abasebenzi baseNsingizi bagcwele eBerea yingakho belaxaze amathuluzi kulesi siteshi. SiyiPrasa sinenkontileka nomqashi walaba basebenzi okuyiNsingizi Security. Udaba lokungaholelwa kufanele lulungiswe yizinhlaka ezithintekayo. I-Prasa izibophezele ekutheni izosayina izinkontileka ezivuselelwa nyangazonke nezinkampani esebenzisana nazo futhi zizokhokhelwa,” kusho uNomnganga.
Imizamo yokuthola abeNsingizi Security ukuba baphawule, ayiphumelelanga kusukela ngoMsombuluko kanti ngoLwesibili Isolezwe lithumele umqhafazo kumnikazi wenkampani othembise ukubuyela entathelini kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaxhumananga nentatheli.