BALALE emgwaqweni abahlala eMadiba House abakhishwe ngabanikazi befulethi izolo.
Isolezwe like labika ngodaba lwaseMadiba House esemgwaqeeni uSt Georges, eThekwini njengoba abahlali babeyalelwe ukuthi baphume ngonyaka odlule.
Abanikazi befulethi basola abahlali ngokungakhokhi irenti nokuhlala ngenkani yize bese betsheliwe ukuthi abadingeki.
Ngonyaka odlule lolu daba belulokhu lungena ezinkantolo abahlali bekhala ngokuthi abanayo imali ephelele yokukhokha izikweletu zabo kodwa bazokwazi ukukhokha kancane kancane.
Abanye baveze ukuthi baphelelwe wumsebenzi ngenxa yeCovid-19 ngakho abakwazi ukukhokha irenti.
Izolo, izikhonzi zenkantolo zifike zakhipha impahla yabahlali baseMadiba zayibeka emgwaqweni.
Bezingenandaba nokuthi kukhona okufayo, bezikhiphela yonke into emgwaqweni.
UMnuz Sthembiso Mlungwana oveze ukuthi uneminyaka ehlala eMadiba House uthe bazoya enkantolo ukuze baphikise isinqumo sokukhishwa kwabo.
Ifulethi eleKun Yang Family Trust, Chijan Chou Lee, Pin Jing Lino noMohamed Zaid Mansoor.
UMnuz Mthembiseni Thusi we-IFP ku-ward 32, uthe kumphethe kabi ukukhishwa ngesihluku kwabantu baseMadiba House ngoba behluphekile.
Uthe kuyacaca ukuthi eNingizimu Afrika kusebenza imali, uma ungenayo uyacindezeleka.