Izindaba

Balahlwe amacala okuholela izipoki kwamasipala

Khethukuthula Sangweni|Published

ITHIMBA loKlebe lizishaya isifuba ngomsebenzi walo ligojela abebesebenzela uMkhandlu iHarry Gwala abalahlwe ngamacala okuholela izipoki Isithombe: NHLANHLA PHILLIPS/INDEPENDENT MEDIA

AZOGWETSHWA ngo-Agasti nonyaka amadoda amabili abesebenzela uMasipala wesiFunda iHarry Gwala, alahlwe ngamacala enkohlakalo yokuholela izipoki.

UMasipala wesiFunda iHarry Gwala uzinze e-Ixopo kanti ubuswa yi-ANC esiwuphathe isikhathi eside.

Kuthiwa ibalelwa kuR733 700 imali okuthiwa yadliwa ngohlelo lokuholela izipoki.

UThamsanqa Mazibuko (53), ulahlwe amacala okukhwabanisa angu-224 kanti uThembinkosi Mswazi (56) walahlwa amacala angu-25 okukhwabanisa.

Bebevele eNkantolo yamaCala eMali lapho begcine bewavuma khona amacala abebebekwe wona yinkantolo, ebalahle ngawo wonke.

Bobabili baboshwa emuva kwecala elavulwa ngo-2017 e-Ixopo lase lidluliselwa ethimbeni loKlebe elimuke nalo uthuli laze labagojela.

Laba bobabili bebengaphandle ngebheyili abayithola emuva kokuthi beboshiwe ngo-2017.

Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi umkhuba wokuholela izipoki udla lubi komasipala.

Kuthiwa kufakwa imininingwane ohlwini lwabaholayo kube sengathi abanye babasebenzi uma sekuphuma imali, idliwe ngabathile.

Ibamba loMkhulumeli woKlebe KwaZulu-Natal, uWarrant Officer Sibu Ncane, uthe kube yintokozo ukuthi baluphothule lolu daba.

Uthe lokhu kube wumsebenzi woKlebe abasebenzise ubuchule babo ukulandela lolu daba baze babagojela abamangalelwa.