ABELAPHI bendabuko bathi bayizigebengu nabathakathi abantu abacwiya izitho zomzimba ngenhloso yokwelapha ngazo.
Abelaphi bendabuko basho lokhu ngesikhathi behlangene ehholo lomphakathi iSiphumelele, KwaMakhutha izolo bedingida izindaba ezibakhathazayo ngomkhakha wabo.
UMakhosi Nonhlanhla “Mshanelo” Nkomo onguNobhala wenhlangano yabelaphi iNational Unitary Professional Association for African Traditional Health Practitioners of South Africa (NUPAATHPSA) kulesi sifundazwe uthe bakhathazekile ngabangcolisa igama labelaphi bendabuko okukhona kubo nabatholakala nezicubu zabantu.
“Abelaphi abazisebenzisi izicubu ukuze balaphe. Abenza lokhu yizigebengu,” kusho uMakhosi Nkomo.
Uthe njengoba bebhalise kuhulumeni kungumsebenzi wabo ukuthi balandelele uma kukhona abelaphi abangenzi kahle. Utshele abelaphi abebesemcimbini ukuthi uma betholakala besephutheni elifana naleli bayocindezelwa nayinhlangano emele abelaphi ngoba bayobe bedicilela phansi umsebenzi wabo.
Uthe abanye balabo abazenza abelaphi basuke bengabizelwanga ekutheni babe yibo - bangabelaphi mbumbulu abavuka sebengabelaphi. Ubalule ukuthi ngeke umelaphi atshele umuntu ukuthi ukuze amelaphe kufanele alale naye noma kufanele alethe izicubu zomuntu onebala elimhlophe.
Uveze ukuthi kunezinhlelo zokuthi kusungulwe ithimba elizohlola abelaphi liqinisekise ukuthi bangabelaphi ngempela bese becijwa banikwe nezitifiketi abazozilengisa odongeni ezikhombisa ukuthi bakufanele ukwenza lo msebenzi.
UMbhishobhi Nqoba Zindela, uSihlalo weMoral Regenaration Movement eThekwini nophinde abhekelele ezokuziphatha kuNUPAATHPSA, uthe abelaphi abenza le mikhuba bangabathakathi.
Unxuse abathandazi nezangoma, abefundisi ukuthi bafunde bahlangane ukuze bathole indlela yokusizana nokucobelelelana ngolwazi. Uthe kufanele kuphele ukucwasana phakathi kwazo zonke lezi zinhlaka njengoba kuke kube khona ukugxekana lapho okugxekwa khona izangoma athe kwenziwa abefundisi uma beshumayela.