SEKUVELE izindaba ezishaqisayo ngetulo okuthiwa liphekwa ngabathile eBandleni lamaNazaretha, ukuketula umholi uMduduzi Shembe uNyazilwezulu bese kufakwa uMnuz Mpume Shembe esikhundleni salo sokuhola ibandla.
Yize umbango ogqamile uphakathi koNyazilwezulu nomholi uPhinda Shembe Ukukhanyakwelanga, kodwa kulokhu kuthiwa itulo liphekwa ngabathile abayizethenjwa zalo uNyazi.
Isolezwe Ngempelasonto, lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi kunomshoshaphansi wokungcolisa igama loNyazilwezulu lokulenza libukeke licheme namaqembu athile epolitiki, okuzoba yisona sizathu sokuthi lugudluzwe ngaphakathi esikhundleni kukhalwa ngalokho.
UMpume okulungiselwa ukuthi athathe isikhundla soNyazilwezulu, kuthiwa uzalwa ngomunye wabafowabo bomholi wamaNazaretha wesibili, iNkosi Jerome Galile Shembe Ilanga.
Kuthiwa uyise kaMpume akakaze abe ngumholi wamaNazaretha kodwa kuthiwa uyena ongabangcono ngoba esondelene nezikhulu ezithile zebandla nezepolitiki.
“Uma uzokhumbula kahle kuke kwagqanyiswa izindaba zokuthi uNyazilwezulu lunxenxa amaNazaretha ukuthi anike i-ANC ithuba lesibili ukuthi iphinde ihole izwe.
“Lokho kwakungaphumi kulona ngokuthanda kwalo, kodwa kukhona isigungu esihlonishwayo esisondele kulona esisuke silweluka ngokumele lukusho kumaNazaretha.
“Okudala lokho wukuthi kwasona leso sigungu sisebenza nabathile kwipolitiki. Siyazi ukuthi uma lusho kanjalo kuzongcola igama lalo bese luvela lungeyena umholi ofanele ngoba kuyaziwa ukuthi uShembe akazingeni ezepolitiki.
“Lokho kuzokwenza ukuthi kube lula uma sona isigungu sesiphakamisa ukuthi alugudluke esikhundleni ngoba uzihlanganisa nepolitiki,” kusho umthombo.
Kuthiwa le mpi isuswe wukuthi uNyazilwezulu lumise ithenda ka-R18 million yokwakha amadokodo eBuhleni, okuwuxhaso olwakhishwa wuMengameli Cyril Ramaphosa.
“Kuzona izethenjwa zebandla kukhona ababezohlomula ngale thenda, njengoba besebenzisana nezikhulu ezithile kuhulumeni, bacasuka uma isimiswa. Yingakho sebenza yonke into ezoholela uNyazilwezulu ophathe.
“Lezi zethenjwa zilwa nawo wonke umuntu ozama ukuluvikela uNyazilwezulu. Ngikhuluma nawe nje zikwazile ukuqhelisa Inkosi yamaQadi uMqoqi kulona obengavumeli noma yini.
“Kukhona nesinye sezethenjwa esiluvikelayo uNyazilwezulu esesithweswe icala lokudlwengula njengoba sihamba inkantolo kumanje,” kusho omunye umthombo.
Uqhuba uthe njengamanje kuneminye imizamo yokuthi uNyazilwezulu luvezwe njengomuntu ovukela uMbuso.
“Lezi zethenjwa zeluleke uNyazilwezulu ukuthi lukhiphe umhlangano oya eSwazini njengoba kunguMeyi. Ngokujwayelekile umholi webandla akahambi yedwa uma ehambisa umkhuleko kodwa uphelezelwa ngamaNazaretha.
“Ukukhipha umhlangano uye eSwazini kuzokwenza amaNazaretha azoluphelezela luya eSwazini angasitholi isikhathi sokuyovota ngoMeyi 29 bese kuthiwa luvukele uMbuso ngokuyisa abantu ngaphandle kuvotwa ezweni labo,” usho kanje.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe ukuqinisekisile ukuthi kunomhlangano wamaNazaretha ozophuma ngoMeyi 25 ukuyokhuleka eSwazini.
“Asinalwazi ukuthi uzobuya nini kodwa kuba wumholi onquma isikhathi sokuwubuyisa. Kungenzeka kubuywe lungakafiki ukhetho kodwa asinasiqiniseko.
“Ngetulo okhuluma ngalo, lokugudluza uBaba uNyazilwezulu, anginalwazi ngalo kodwa igama likaMpume Shembe ngike ngizwe kukhulunywa ngalo ukuthi ungomunye womndeni wakwaShembe, angikaze ngizwe kuthintwa ezokuhola ibandla ngaye. Ngebhadi angikaze ngihlangane naye futhi anginamlando ogcwele ngaye,” kusho uMncwabe.