USALE udidekile umndeni womhlengikazi waseGledhow, KwaDukuza, ozikhunge ngentambo ekhala ngokwaliwa yisoka ebeselimkhulelisile.
UNksz Simphiwe Sithole (25) obesebenza emtholampilo wakhona kule ndawo, kuthiwa utholwe elenga egaraji lalapho ehlala khona, ngoLwesithathu, ebhale nencwadi echaza ngokuzihilela kwakhe.
Uyisemkhulu kamufi uMnuz Jackson Mngomezulu uthe badidekile ngokwenziwe wumzukulu njengoba yena ebengenalo nolwazi ukuthi uzithwele.
“Umzukulu wami wavuka kahle nje eya emsebenzini njengenjwayelo, wahlushwa imoto yakhe ayithenge ngonyaka odlule. Ube eseshayela abakubo kwayo ucingo ukuba bazoyilanda, ilandiwe imoto.
Akabange esaya emsebenzini, wasala wazikhunga. Encwadini ayishiyile, uthe akulona udaba lwemoto kuphela olwenze wathatha lesi sinqumo kodwa ngukwaliwa yisoka lakhe ebelimkhulelisile lamthembisa ukuthi lizomhlawula, libe selijika lamala lathi selithole omunye wesifazane. Mina bengingazi nokuthi uzithwele umzukulu, konke lokhu kungishaqile,” kusho uMngomezulu.
Uthe kuvele ukuthi banonyaka nje bethandana naleli soka, elaziwa amanye amalungu omndeni kodwa yena njengoyisemkhulu kamufi ubengalazi.
Uthe umzukulu wakhe ubengumuntu ohlala ngokuthula engakhulumi izinto eziningi.
“Ngisola ukuthi ubengakasitsheli ngokukhulelwa kwakhe ngoba elinde leli soka ukuba lizokhokha njengesithembiso. Ubezithulela engesona nhlobo isikhulumi, kunzima ukwamukela lokhu okwenzekile,” kusho uMngomezulu.
Uthe kusolakala ukuthi unezinyanga ezine ezithwele umufi kodwa bazolinda umbiko kadokotela ozohlola isidumbu.
Uthe nesoka abhale ngalo encwadini belingakaveli emndenini ukuzochaza ngokwenzeka phakathi kwabo.
Uthe umufi ngaphambi kokuba azihilele uthume elinye ilungu lomndeni elineminyaka engu-20 ukuba liyothenga ugesi wekhadi wasendlini, wasala wazilengisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe idokodo esiteshini saKwaDukuza ngokushona komuntu, uphenyo lusaqhubeka.
Kwesinye isigameko eQabavu, KwaMaphumulo, owesifazane oneminyaka engu-29 obegula utholwe ezilengisile ekameleni lakhe lokulala ngalo uLwesithathu.
UNksz Slindile Maphumulo, kuthiwa uqale ukugula ngekhanda ngoMgqibelo, wayiswa kumthandazi, endaweni bezitshela ukuthi uzoba ngcono. Umfowabo uMnuz Lindani Maphumulo uthe ucele ukuyophumula ekameleni lakhe emuva kokuba bemphuzise amakhathakhatha awanikezwe umthandazi, bathi uma sebembheka usezilengise ngeduku lasekhanda.
Uthe udadewabo ubengeyena umuntu ogulayo njengoba ubesebenza kwelinye ihhotela eThekwini, walethwa ekhaya ngabantu abangamazi abathi bamthole esegula engazazi uyaphi.
Umndeni uthe washayela ucingo i-ambulensi yangafika, base bemyisa kumthandazi ngethemba lokuthi uzomelapha. UCol Mbele uthe amaphoyisa aseNsuze avule idokodo ngokushona komuntu.