BAKHONONDE ngokubhala befake izifonyo abanye abafundi bakaGrade 12 abebebhala iphepha leMaths ngoMsombuluko bethi kucabangeka kanzima ngenxa yokuthi akuphefumuleki ngokukhululeka.
Isolezwe lihambaele izikole ezikwaMashu ukuxoxisana nabafundi ngemva kokubhala iphepha le-maths. UThobeka Ngcobo (19) wakwa-F KwaMashu, ofunda eSibonelo High, uthe yize iphepha belibhaleka kodwa ukuthole kunzima ukubhala ngokukhululeka uma evale umlomo namakhala ngesifonyo.
“Iphepha belingamahora amathathu. Kunzima ukucabanga ikakhulu uma ubhala iphepha eliyinselelo njengeMaths uma ufake isifonyo. Kwesinye isikhathi, mhlawumbe ngenxa yokuthuka, uzwa kushisa kakhulu, isifonyo kuba sengathi siyakuqedela, kodwa lona belibhaleka,” kusho uThobeka.
UNingi Mhlongo (17) waseNtuzuma uthe kwesinye isikhathi kuyenzeka ufise ukudonsa umoya kodwa uma usegunjini okuhlolelwa kulo, niyatshelwa ukuthi anivumelekile ukukhumula izifonyo kuze kube uyaqeda ukubhala.
“Iphepha belimnandi kakhulu. Othisha bebenze konke okusemandleni ukusilungiselela, ngakho bekungekho nkinga ekubhaleni. Obekuthanda ukuthikameza yiko ukugqoka izifonyo. Kwenza kube nzima ukucabanga uze ufise ukuphuma ushaywe ngumoya ubuye ubuyele ekilasini uzobhala.”
Nakuba bebekhala kanje abafundi kodwa injabulo ibiqhuma phezulu kwabaningi besho khona ukuthi kukhona lapho bebeziqoqela khona amamaki.
E-JG Zuma, KwaMashu, isimo besehlukile uma uqhathanisa nesibonakale kubafundi baseSibonelo. Iningi labafundi ngesikhathi beqeda ukubhala bebebukeka betubekile futhi bedangele. Bebekhona abebekhombisa ukuzethemba.
USivuyile Zondo (18) ukhale ngesikhathi. “Belibhaleka kodwa angiqedanga ngenxa yesikhathi engibone sengathi besisincane kakhulu. Eminye imibuzo beyiphicana idinga ukuthi ube nesikhathi esanele sokuxazulula obekwenza ugcine ushiye phakathi ungaqedile.”
ULungile Luthuli (17) naye ofunda eJG Zuma uthe bezikhona izinselelo abhekane nazo kodwa ukuzikhandla kukathisha obafundisa iMaths kube nezithelo ezinhle kuye ngoba uphendule okuningi obekubuzwe ephepheni.
“Uthisha ubesifundisa ngisho ebusuku esilungiselela ukuthi sikwazi ukubhekana nephepha. Lokhu sikholwa wukuthi kusilekelele kakhulu,” kusho uLungile.
Sekuyisonto lesithathu kuqaliwe ukubhala. Izolo kubhalwe iphepha lesibili lesiNgisi.