UBongani Mthimkhulu wesikibha esimhlophe ongumngani kaPhilangenkosi Makhanya naye ungumsolwa ofunwa uthuli kuleli cala
Image: SAPS
AMAPHOYISA ophiko lweNational Crime Intelligence alandele umkhondo wemoto yohlobo lweVW Polo okukholakala ukuthi yasetshenziswa ekubulaweni kuka-Olorato Mongale, 30.
Ithimba lezinhlaka ezehlukene eliholwa yithimba lakwaSAPS elibhekene nokuthunjwa lishaqe le moto endaweni kamakhenikha ePhoenix, eThekwini.
Uphenyo luqale lwaholela ithimba endaweni yokulala eKew, eGoli lapho abasolwa ababili bebebhuke khona igumbi. Olunye ulwazi lwabaholela KwaMashu, eThekwini ekhaya lomunye wabasolwa. Imoto yabasolwa yatholakala ngokuhamba kwesikhathi kumakhenikha. Ngesikhathi kuhlolwa ongoti be-SAPS abahlola amacala, kutholakale iegazi ngaphakathi emotweni.
UFezile Ngubane omunye osolwa ngecala lokufa kuka-Olerato Mongale
Image: SAPS
Ikhehla, elingumnikazi wemoto futhi okukholakala ukuthi nguyise womunye wabasolwa liboshiwe Kuboshwe ikhehla okukholakala ukuthi ngumnikazi wemoto kodwa amaphoyisa asathungatha amadoda amabili okukholakala ukuthi ayathinteka ekubulaweni kuka-Olorato.
Abasolwa ababili abahlonzwe ngamaphoyisa (Philangenkosi Sibongokuhle Makhanya noFezile Ngubane) basagcwele amathafa kanti umphakathi uyanxuswa ukuthi usabalalise izithombe zabo ezindaweni ezahlukene ukuze usize amaphoyisa ophenyo.
Amaphoyisa aphinde engeza umsolwa wesithathu ohlwini lwabasolwa abafunwayo abahlobene necala lokubulala u-Olorato Mongale. UBongani Mthimkhulu ongumngani kaPhilangenkosi Makhanya naye ungumsolwa ofunwa uthuli kuleli cala. UMthimkulu yilo ogqoke ngenhla emhlophe esithombeni esinamathiselwe. Uphenyo lusaqhubeka kanti ukuthungathwa kwabo bonke abasolwa sekufike esigabeni esibucayi
Laba bathathwa njengabayingozi kanti umphakathi uyaxwayiswa ukuthi ungasondeli kubo. Uma bebonakala, shayela uBrigadier Nama ngokushesha ku +27 (82) 778-9035.
UPhilangenkosi Makhanya okuthiwa ngowaKwaMashu ufunelwa icala lokufa kuka-Olerato Mongale ngeSonto ebusuku
Image: SAPS