Izindaba

Bakhonjwa eqenjini leWest abasale enkundleni bebhekene namaphoyisa kuM4

Nonkululeko Nhlapo|Published

Bebefunelwa amacala okubulala eNanda abasolwa abane ababulawe amaphoyisa kuM4 ngaseMlaza

Image: ALS Paramedics

KUBIKWA ukuthi bebefunelwa amacala okubulala endaweni yaseNanda abadutshulwe bafa ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ku-M4 Highway eMlaza ngoLwesibili ebusuku.

Amaphoyisa alandele umkhondo wabasolwa obaholele enxanxatheleni yezitolo eMlazi. Amaphoyisa azamile ukubamisa kodwa basuka ngesivinini, amaphoyisa alandela.

"Abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni, amaphoyisa aphendula ngayo nawo. Ngesikhathi sokudubulana kwadutshulwa abasolwa abane balimala kabi. Alikho iphoyisa elilimalile," kusho uColonel Robert Netshiunda wamaphoyisa KwaZulu-Natal.

Abasolwa abane bebefunelwa okungenani amacala amathathu okubulala eNanda, amabili kuwo ngawukubulala abantu ababili ngesikhathi esisodwa, kuthiwa la macala enzeke phakathi kukaMashi no-Ephreli 2025. Abasolwa batholwe nezibhamu ezintathu. 

 

[email protected]