BAVEZE imibono eyehlukene abahlaziyi bezepolitiki mayelana nomhlangano wabaholi abathile be-ANC okubalwa nobengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma lapho kuthiwa bekuboshwa kuwo uzungu lokuketula uMengameli Cyril Ramaphosa.
Iphephandaba lesiNgisi langeSonto libike ukuthi uZuma, uNobhala-jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule, obenguNdunankulu aphinde abe nguSihlalo we-ANC eNorth West, uMnuz Supra Mahumapelo, uNobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Thanduxolo Sabelo, noNkk Meokgo Matuba we-ANCWL nabanye bahlangane eMaharani Hotel, eThekwini. Iphephandaba lize laveza nesithombe esikhombisa laba baholi bekuleli hotela.
Umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Ralph Mathekga, uthe izinsolo ziyinto ekhona. Lokhu kufakazelwa wukuthi i-ANC ikhiphe izincazelo eziningi ezehlukene ngazo.
“Ukuthi umhlangano waba khona noma cha kukhombisa ukuthi ngaphakathi kwi-ANC bakhona abahlela ukuketula umengameli,” kusho uMathekga.
Omunye umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Xolani Dube, ongumcwaningi kwisikhungo iXubera Institute uthe akekho ozokwazi ukuthi bekukhulunywani emhlanganweni kuze kube omunye wabo uphula umgomo wokugcina imfihlo uphumela obala uyasho ukuthi bekukhulunywa ngani.
“Iqiniso wukuthi umhlangano ube khona kodwa akekho owaziyo ukuthi bekukhulunywa ngani kuwo,” kusho uDube.
Uthe yena akaboni ukuthi le ndaba yomhlangano ingaze isuse umsindo.
Ugxeke uSabelo ngokuphumela obala azame ukuziqhelelanisa nezinsolo.
Omunye umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Thabani Khumalo, uthe okwamanje kunzima ukusho ukuthi izinsolo ziyinto ekhona yini noma engekho. “NgesiZulu kuyaye kuthiwe ungayibambi isavele ngekhanda kodwa okukhulu kunakho konke wukuthi kwi-ANC akukho ukuthembana. Imihlangano ingenye yezindlela zepolitiki kodwa ngenxa yokuthi akukho ukwethembana sekuvela izinsolo ezifana nalezi,” kusho uKhumalo.
Ebuzwa ukuthi ngakube izinsolo aziwulimazi yini umkhankaso kaSabelo ogaqele isikhundla sokuba ngumengameli we-ANCYL, uKhumalo uthe ziwushaye phansi ikakhulukazi njengoba imiphumela yezingqungquthela kwi-ANC igqugquzelwa yizimbangi.
“Naye uyabona ukuthi izinsolo ziyamlimaza yingakho komunye umthombo wezindaba ethe ufisa kwenziwe uphenyo ukuze kuvele iqiniso,” kusho uKhumalo.
Ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uMnuz Zizi Kodwa, lithe abazi lutho ngomhlangano ngoba kwakungesiwo owe-ANC.
“i-ANC ayikaze ibe nomhlangano, kukubona abantu okuthiwa babesemhlanganweni ukuthi basho ukuthi babekhuluma ngani,” kusho uKodwa.
Ushaye phansi ngonyawo wathi akekho umuntu ngaphakathi noma ngaphandle kwi-ANC ongaguqula izinqumo ezathathwa eNasrec.