KUNUKEKA umndeni ngokusocongwa ngesihluku kwenduna yaseMbozamo, eMaphephetheni, eNanda, ngeSonto ebusuku, izibukela ibhola phakathi kweKaizer Chiefs neSundowns.
Umufi, uMnuz Aaron Gwala, obeyinduna yalesi sigodi ngaphansi kobukhosi bakwaGwala, udutshulwe umuntu ongaziwa ngesikhathi enethezeke egumbini lokuphumula ebuka umdlalo.
Kuvela ukuthi umkakhe obekwelinye igumbi, uzwe kuvuleka umnyango wazitshela ukuthi sekubuya izingane zabo, kanti sekungena inkabi.
Kuthiwa kube sekuqhuma isibhamu kathathu, inkosikazi kamufi yathi uma iphuma izobheka, yabona umuntu ethi pheshe, yathi uma ithi nhla ibheka umyeni, yambona opha engasanyakazi.
INkosi yesizwe, uMnuz Thandizwe Gwala, ithe basola ukuthi umhlola usekhaya.
“Ngesikhathi ngimbeka nyakenye, baningi abasemndenini abangakuthandanga lokho. Kwasho ukuthi akukho ebabengakwenza ngoba ngase ngilikhombile igama lakhe,” kusho uGwala othe wamkhetha ngoba ewazi amagalelo akhe esizweni kusuka ngo-1990, kukhotheme inkosi ezala yena (uGwala obusa njengamanje).
UGwala uthe nakuba ubazi ukuthi isimo kasimnandi ngokuqoka kwakhe umufi kodwa ubenganakile ukuthi sekungaze kufe umuntu.
“Ubulawelwe isihlalo sobunduna ebebengathandi ahlale kuso,” kusho uGwala othe ushayeke kakhulu ngokubulawa kukamufi, wathi okufanele kwaziwe ukuthi ngisho sebembulele, ngeke abeke umuntu othandwa yibo, uyokhetha othandwa wuye.
Ubuye waveza nokuthi ukhona umsindo oke waba khona ngokufakwa kwenkwali emgwaqweni wendawo, okuvele ukuthi kukhona abathile abangahambisani ngendlela okuqhubeka ngayo.
“Ngeke sazi noma nakho kuyathinteka yini ngoba khona kuyinto yamanje nje,” usho kanje.
Enaba, uthe bakhona abake bezwakalisa ukungayizwa kahle eyokulandwa kwenkwali esizweni sakwaKhumalo.
“Owanikwa ithenda lokufaka inkwali wakuveza ukuthi akanankinga nokuthi inhlabathi abeseyilethile, kukhona abashaya phansi ngonyawo bethi ayingafakwa, abayifuni. Wahamba wayolanda leyo abathi ilungile. Kufakwa yona ngikhuluma nje,” kubeka uGwala.
Uthe abanye babedinwa ukuthi imishini yokusebenza ihlaliswe emzini kamufi, becabanga ukuthi kukhona imali ayihlomulayo ngalokho, ekubeni kungenjalo.
“Nakuba singeke sazi kodwa angikholwa ukuthi lokhu kuhlangene nokusocongwa kwakhe,” usho kanjena.
Ngakolunye uhlangothi, isihlobo esicele ukungadalulwa, siveze ukuthi bona bewumndeni bakholwa ukuthi ubulawelwe yona indaba yokufakwa kwenkwali emgwaqweni wendawo.
“Sisola lokhu ngoba emini ubeye komunye wemizi yalabo abakhombise ukuba nenkinga naye ngenkwali, kunomcimbi, wafike wazibonela naye ukuthi akamukelekile ngakho washeshe wabuya,” kusho isihlobo.
Sithe abantu abaphumela obala ngalokhu, baze beza ekhaya lakhe umufi ngenyanga edlule, bezozwakalisa ukungenami kwabo ngendlela umufi nenkosi abenza ngayo ngethenda yomgwaqo.
“Uye khona ezitshela ukuthi ukukhuluma sekwedlule kodwa uthe uma efika wabona ukuthi akukedluli, ngendlela abangamgqizanga qakala ngakhona. Akafunanga ukukhombisa ukuthi uyabona ukuthi akamukelekile, yikho evele wakhetha ukugoduka,” kusho isihlobo.
Ngokwezibalo eziqoqwe wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, zingaphezu kuka-50 izinduna namakhosi asebebulewe kulesi sifundazwe kusuka ngo-2019.
Amaphoyisa sishicilele engakaphenduli ngokubulawa kwenduna.