ABOSIZO oluphuthumayo ngenkathi bekhipha imoto ephaphalaze yangena emfuleni uMsunduzi . Isithombe: DOCTOR NGCOBO
KUTHOLWE izidumbu ezimbili ngenkathi kutakulwa izimoto ezimbili emfuleni uMsunduzi, eMgungundlovu izolo. Kusolwa ukuthi lezi zimoto ziphaphalaze zangena kulo mfula.

Abosizo oluphuthumayo baphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokuthola imibiko ngalezi zimoto eziphoseke ngasemgwaqweni uCommercial.

Okhulumela abosizo oluphuthumayo i-ER24 uMnuz Russel Meiring, uthe enye imoto itholakale phakathi emfuleni, kwathi abagibeli abathathu batholakala behleli onqenqemeni lomfula.

“Abosizo oluphuthumayo baphuthume ukuyohlenga abagibeli abebesonqenqemeni lomfula nabebevaleleke emotweni. Oyedwa wesifazane obesemotweni oneminyaka elinganiselwa ku-20 utholakale eseshonile,” kusho uMeiring.

Uthe abahlanu abalimele baxilongwe endaweni yesigameko base bedluliselwa esibhedlela.

Abosizo oluphuthumayo baphinde bathola enye imoto ebinesidumbu sowesilisa kuwo lo mfula ngenkathi beqeda ukutakula imoto yokuqala.

“Le moto itholakale eduze kwalapho kutholakale khona imoto etakulwe kuqala. Abosizo oluphuthumayo bathole ukuthi bese kunesikhathi eside lo wesilisa ashona,” kusho uMeiring.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso esiteshini samaphoyisa iMountain Rise.

“Kushone umgibeli emotweni yokuqala etakuliwe. Ngenkathi abosizo oluphuthumayo beqeda ukutakula le moto yokuqala babe sebethola imoto yesibili ebinesidumbu kuwo lo mfula,” kusho uLt Col Zwane.

Uthe kuphinde kwavulwa idokodo ngemuva kokutholakala kwesidumbu emotweni yesibili.

“Akucaci ukuthi yini eholele ekutheni lezi zimoto zigcine zingene emfuleni, kodwa amaphoyisa aseluqalile uphenyo,” kusho uLt Col Zwane.