UMFUNDISI Timothy Omotoso ofulathele elakuleli izolo njengoba engavunyelwe ukuthi abeke umcondo wakhe eminyakeni emihlanu ezayo
Image: Facebook
BAKHALE mi izinyembezi abazalwane bebandla likaMfu Tim Omotoso, iJesus Dominion International (JDI), eBallito, ngesikhathi eqinisekisa izindaba zokuthi amabombo usewabhekise kwelakubo eNigeria. Lokhu kwenzeke izolo ngesikhathi kunenkonzo kuleli gatsha lesonto, okuyilo lodwa esifundazweni iKwaZulu-Natal.
U-Omotoso, oteketiswa abazalwane bakhe ngelika”Daddy”, uqinisekise lezi zindaba ngesikhathi ekhuluma kumakhalekhukhwini nonkosikazi wakhe osazinze kuleli. Ubelokhu ephuma engena esontweni ngesikhathi kunenkonzo, okuthe esebuya okokugcina, wabuya ekhuluma nocingo, wayalela abadlala izinsimbi ukuthi uzolufaka esipikheni ucingo luka-Omotoso, maqede izwi lakhe lazwiwa yibo bonke abazalwane.
Ushaye ngamafuphi wathi: “Abangifuni kuleli zwe, akukho engizokwenza kufanele ngihambe.”
Ezinye zezimoto ebezipake esontweni likaMfundisi Timothy Omotoso eBallito izolo
Image: Zimbili Vilakazi
Isolezwe ebelithamele inkonzo, lithole ukuthi u-Omotoso ube yingxenye yenkonzo yasebusuku izinsuku ezintathu ezedlule okokuqala ngqa emva kokudedelwa kwakhe ephuma phambili emacaleni abesolwa ngawo.
Bese kuphele iminyaka eyisishiyagalombili bagcina ukumbona. Enkonzweni yayizolo bekuze namalungu ebandla akade agcina ukuza, ngethemba lokuthi azombona njengoba kuthiwa ubethembise ukuthi uzoba khona enkonzweni yayizolo. Okuqaphelekile ngaleli bandla wukuthi liwubukhazikhazi.
Uma uza khona, ukhangwa olude uthango, olwelekwe ngocingo lukagesi, olwenza ungakwazi ukubona kahle ngaphakathi. Uma usungene ngaphakathi, ukhangwa ama-khamera afakwe yonke indawo, kukhonkwe igceke lonke ngokusezingeni eliphezulu, kunezakhiwo ezinhle ezehlukene, Isolezwe elithole ukuthi kukhonzelwa kuzo, ngokwahlukana. Kutshalwe ezinhle izimbali, izihlahla, notshani obonayo ukuthi bunakekelwa zonke izinsuku.
Kuphinde kube khona nendawo yokudlala izingane, ongafunga ukuthi yisenkulisa. Ngaphakathi endlini yesonto kufakwe amakhamera, nakhona ukhangwa obakhona ubukhazikhazi, kusuka ezitulweni, airconditioner, kuya kuma-instruments okucula. Ubuholi bebandla obubandakanya nonkosikazi wakhe, abahola ngokuhlabelela nomkhuleko, bonke ngabokufika.
Abazalwane, uyabona ukuthi iningi lingomacaphuna kusale, bese kuba yidlanzana lalabo abaphakathi nendawo. Bonke baswenka baconse, futhi iningi lihamba ngezimoto zalo, ezinye zisuka ezindaweni ezehlukene esifundazweni.
Uma bekhuleka bayaguqa, babodwa abaze banqekuzise amakhanda, abanye bafikelwe yizinyembezi, kukhombisa ukuthi bayizwa ngaphakathi into abayenzayo.
Uma kuculwa amakhorasi, kuculwa eside isikhathi, ngesiNgisi nangolimi lwabokufika. Ubufakazi kanjalo namaculo abeculwa bekuzwelana naye u-Omotoso “nokuhlaselwa” kwakhe abezomthetho bakuleli. Phakathi kwamaculo aculiwe kukhona nelithi “He lifted me up from the deep muddy clay”, umkakhe athe bebelokhu belishaya ngaphandle kwenkantolo, kube kuncane indawo.
Okunye okutholwe yiSolezwe kumalungu ebandla ambalwa, lizixoxela nawo, wukuthi banolunye uhlobo lokukholwa kumfundisi wabo.
“Akekho osezingeni lakhe kule lizwe, ezwenikazi nasemhlabeni jikelele. Akekho ofinyelela kuye,” kusho leli lungu, elithe lona laqala ukusonta ngo-2013.
Liqhube lathi u-Omotoso unamandla angaphezu kwawemvelo, kuningi okungakholakali abakubone ngamehlo, ngokholo lwakhe.
“Izinto ezingabonwa ngamehlo enyama, yizinto ezibonwa ngeso lakwamoya kuphela,” usho kanje.
Liqhuba leli lungu lithe, okwenze bangayeka ukusonta kuleli bandla yize u-daddy ebevalelwe iminyaka eyisishiyagalombili, wukuthi njalo uma ekhuluma ubethi abalandele kakhulu izimfundiso zakhe.
“Ezimfundisweni zakhe usifundisile ukuthi sazi ukuthi njengoba engesiye nje umuntu ojwayelekile, uzobhekana nezilingo,” kusho ilungu, elithe ukuboshwa kwakhe ezinye zazo lezo zilingo.
Ligcizelele eyokuthi akekho omunye umfundisi eliyobuye limuzwe ukudlula u-Omotoso.
Elinye ilungu, nalo ebelizikhininda, lithe lona laqala ukusonta kuleli bandla ngo-2007, lineminyaka elinganiselwa ku-20. Lithe lisalokhu liyibambile ngoba zonke iziphrofetho azisho kulo, zenzeka njengoba ayeziphrofethile.
“Wabona ukuthi ngizoba nezingane ezintathu, umyeni, nomuzi. Konke kwenzeka njengoba ayekubonile. Uma esephrofetha, ubevele akubize ngegama lakho nesibongo, bese eyakutshela lokhu akuboniswayo. Ngimthanda ukufa. Angiziboni ngikholwa kwelinye ibandla,” kusho leli lungu.
Liphawula ngamacala okudlwengula akhishwe kuwo phambili, lithe: “Yeyi ngoba usathane uyabasebenzisa abantu. Lezo zingane zazihlala la eduze kwethu, kanti ngelinye ilanga zizomphendukela kanje u-daddy.”
U-Omotoso unawo amanye amagatsha kwezinye izifundazwe, okukhona kuzo, iGauteng, Mpumalanga ne-Eastern Cape.
UMnyango wezaseKhaya uveze ukuthi u-Omotoso akavumelekile ukuza kuleli kuze kuphele iminyaka emihlanu. Ubuholi baleli bandla bulixoshile Isolezwe ngesikhathi intatheli isiveza ukuthi iphuma kwabezindaba. Buthe ngeke buphawule kwabezindaba.
Buthumele abazalwane abatshele intatheli ukuthi ayifuneki, bayikhapha baze bayoyikhiphela ngaphandle kwesango, base belivala.
Izolo kuvele ukuthi ibhanoyi abeligibele belisuka eThekwini, kanti uyalelwe ukuthi angabuyi kuze kuphele iminyaka emihlanu.