ABAZALI besikole samabanga aphansi eMpangeni bakhathazekile ngothisha okuthiwa akafundisi kusukela ngenyanga edlule ngenxa yokubanga umsebenzi nomunye uzakwabo.
Abafundi bakaGrade 6 noGrade 7 eMandlakala Primary kuthiwa bagcine ukufunda ngenyanga
edlule ngenxa yokuthi uthisha wabo ufika esikoleni asayine bese eyaqhetha angafundisi.
Umthombo osondelene nalolu daba, uthe abazali bakhathazeke ngokuthi njengoba kuphela ithemu yokuqala, izingane zabo zizofakelwa maphi amamaki emariphotini. Uthisha wesifazane, esinalo igama lakhe, kuthiwa ufundisa i-English kwaGrade 6 abuye afundise i-Economics and Management Services kwaGrade 7.
Kuthiwa ikilasi abalibangayo ngelikaGrade 7.
“Omunye uthisha abanga naye akanankinga uyaqhubeka nokufundisa. Yena wagcina ukufundisa ngoFebhuwari 11.
“Uyafika esikoleni asayine ibhuku
lokuthi ufikile emsebenzini kodwa lutho ukungena ekilasini. Uthishanhloko usezame wahluleka ukuluxazulula udaba.
“Ngempelasonto uthisha wabiza abafundi bakaGrade 7 ukuthi bazofunda ngoba ebona ukuthi sekuyabhalwa,” kusho umthombo.
Uthisha, okuthiwa ungundlovukayiphikiswa, kuthiwa usehlule nothishanhloko. Isigungu sabazali kuthiwa sibikelwe ngodaba kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa,
uthe ngoMsombuluko
abahloli babe nomhlangano bathatha nesinqumo ngalolu daba.
“Kutholakale ukuthi othisha bebebanga umthamo wokusebenza.
“Uthisha utsheliwe ukuthi kumele azame ukuphusha umsebenzi olahlekile ngesikhathi kunezinkinga kodwa uphenyo lomnyango lusaqhubeka,” kusho uMlotshwa.