ASHAQEKILE amalungu omphakathi aseNyanisweni eMzimkhulu ngokwanda kwezigameko zokudlwengulwa kwabesifazane, okuthiwa sekuphenduke insakavukela kule ndawo.
Esigamekweni sakamuva kudlwengulwe abafundi ababili abaneminyaka engu-18 abafunda u-grade 12 eMfulamhle Combined ngoMsombuluko ebusuku.
Kuthiwa la mantombazane abephuma esikoleni ebuya kofunda amakilasi engeziwe, esesendleleni ebuyela ekhaya kanti azovukelwa yindoda egcine iwanukubezile.
Kuthiwa indoda ibizisithe ngesigqoko esimboza ubuso, ifake nesifonyo. Iwathuse ngokuhosha isibhamu yawakhomba ngaso.
Omunye wabaholi bomphakathi, uMnuz Bheki Dzanibe, uthe sekuyinsakavukela ukudlwengulwa kwabesifazane kule ndawo.
Ulandise wathi ngonyaka odlule kudlwengulwe owesifazane obekhulelwe, ongenelwe ngabantu abangaziwa kwakhe elele. Uphawule nangesigameko sokudlwengula kubulawe umfundi wakule ndawo ngoJuni 2018 nezinye izehlo.
“Sisola ukuthi kunomuntu oyedwa obhizi odlwengula abantu besifazane kule ndawo. Akaboshwa futhi bonke abagilwa uma bemchaza bathi mude futhi mncane ngomzimba. Kukhona isehlakalo lapho le ndoda yadlwengula kwasala isikhafu sayo, okwathi uma sitshela amaphoyisa ngomnikazi waso angenza lutho,” kusho uDzanibe.
Uthe bahlela ukubhikishela esiteshini samaphoyisa saseMzimkhulu ngesonto elizayo, bayokhala ngendlela okungathathelwa ngayo phezulu amacala okudlwengulwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe amacala amabili okudlwengula esiteshini samaphoyisa eMzimkhulu, mayelana nesehlakalo sangoMsombuluko.
Uthe kusolakala ukuthi laba bafundi banukubezwe ngowesilisa obebakhombe ngesibhamu ngesikhathi bebuya esikoleni ngo-7 ebusuku.
“Umsolwa uwadlwengule womabili amantombazane, waqeda wabaleka ngezinyawo. Idokodo selidluliselwe ophikweni oluphenya amacala athinta udlame lwasemndenini, ukuvikelwa kwezingane nathinta ucansi ePort Shepstone,” kusho uCapt. Gwala.