BAYAVEVA osomatekisi ngokudunwa kwamatekisi KwaZulu-Natal abathi lo mkhuba ujwayele ukwenzeka uma sekungena ubusika.
UMnuz Mandla Mzelemu okhulumela iSantaco, KwaZulu-Natal, uthe kubaphethe kabi ukuthi ngoLwesithathu kudunwe amatekisi amathathu kulesi sifundazwe.
“Kusiphethe kabi ukuthi izimoto zethu nabagibeli kuyadunwa njalo uma kungena ubusika. Sicela amaphoyisa asebenze imini nobusuku afune amakhumbi aduniwe ngoba lokhu kuwukusiphuca isinkwa. Ukudunwa kwemoto kuhlukumeza abagibeli ngoba izigelekeqe zibakhomba ngezibhamu zishaye nabashayeli bethu,” kusho uMzelemu.
Ugqugquzele abanikazi bamatekisi wathi abavuke ekuseni bagade umsebenzi yonke indawo lapho kuhamba khona amakhumbi abo ukuze kuphephe abagibeli nabashayeli.
“Uma kulimala abagibeli bethu kusho ukuthi ngeke sibe nesinkwa, uma siphucwa amakhumbi esisebenza ngawo kusho ukuthi asisenamsebenzi eNingizimu Afrika. Sizokhuluma namaphoyisa ukuthi nawo awaqaphe isimo,” kusho uMzelemu.
NgoLwesithathu umshayeli waseChatsworth ushiye abagibeli wabaleka ngesikhathi ekhonjwa ngesibhamu ngamadoda amise itekisi ezishaya sabagibeli eClairwood.
Ngokuthola kweSolezwe itekisi ibisuka eChatsworth ilibangise enkabeni yeTheku ngo-5.30 ekuseni.
Abagibeli baphangwe imali namaselula ngaphambi kokuthi bayolaxazwa eMlaza ngetekisi ngaabasolwa babaleka.
Eyesibili itekisi idunwe eDarnall kanti ikusoseshini waKwaDukuza.
Eyesithathu idunwe elokishini eZamani, KwaDukuza kanti yona akwaziwa ukuthi ikumuphi usoseshini.
UMnuz Bonginhlanhla Gwala, onguSihlalo kasoseshini waKwaDukuza, uthe balivulile icala ngokudunwa kwetekisi lelungu labo futhi ibaphethe kabi le ndaba ngoba izigebengu ziqhumise izibhamu ngesikhathi zithatha itekisi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe kuvulwe amacala okudunwa kwezimoto amabili ngokwenzeke KwaDukuza kodwa akukaboshwa muntu.
Uthe bavule nelinye icala lokudunwa kwetekisi ebinabagibeli emgwaqweni uDoesberg, KwaDukuza ngamadoda abehlome ephelele.