INHLANGANO ebhekelele amalungelo abantu nokulingana ngokobulili, iSonke Gender Justice, ikhathazekile ngokukhula ngesivinini kwesibalo sokunukubezwa kwabesifazane ngokocansi, ukushaywa nokubulawa kwabo.
Le nhlangano njengoba kuqale imikhankaso yokulwa nokuhlukunyezwa kwababuthaka, ithe kuningi okusamele kwenziwe ukuvikela abesifazane nezingane.
Kusanda kuphuma izibalo zekota yokuqala ka-2021/ 2022 ezikhombisa ukuthi babalelwa ku-10 006 abantu abadlwengulwe phakathi kuka-Ephreli noJuni kulo nyaka.
Lezi zibalo zikhomba ukuthi isibalo sabadlwenguliwe senyuke ngo-4 201 nokwenza sibe wu-72. 4% uma siqhathaniswa nesanyakenye. Kubikwa ukuthi eNingizimu Afrika, njalo owesifazane oyedwa kwabathathu uba wumgilwa ngenxa yodlame.
ISonke Gender Justice iveze ukuthi njengoba kuqale i-16 Days of Activism yokuqhuba imikhankaso yokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ikhuthaza abantu ukuthi balwe nalesi sihlava.
Lokhu ikwenza nje nenhlangano yabathandana nobulili obufanayo ikhathazekile ngesibalo sokuhlaselwa kwabesifazane abathandana nobulili obufana nobabo abadlwengulwayo baphinde babulawe.
Okhulumela iGays & Lesbian nomphakathi weLGBTI KwaZulu-Natal, uNksz Nonhlanhla Mkhize, uthe izigameko zokuhlaselwa kwabathandana nobulili obufanayo zidla lubi emalokishini futhi nemindeni yabo ayiphephile.
"Sisebenza ngokubambisana nabamalungelo abantu nezinhlaka ezahlukene ukugcizelela ukubaluleka kokulwa nalesi sihlava sokubulawa kwabantu abathandana benobulili obufanayo.
“Izaba noma sizenza kodwa kuyacaca ukuthi kukhona lapho kusafanele kuqiniswe khona imikhankaso abantu bafundiswe kabanzi ngamalungelo abantu," kusho uNksz Mkhize.
Ngaphandle kwabesifazane, uNksz Mkhize, izolo e-ICC eThekwini, lapho bekuhlangene khona abamalungelo abantu nezinhlaka ezimele umphakathi weLGBTI, uveze ukuthi akubona nje abesifazane kuphela ababhekene nezigameko zokushaywa, ukudlwengulwa nokubulawa kodwa nabesilisa imbala.
Lokhu uthe kuthanda ukuba nzima kakhulu kwabesilisa ngoba ayikakaqini kahle imikhankaso yokubasukumela nabo bathole isibindi sokuzisukumela bathole usizo.
"Inkinga enkulu ukuthi awabesilisa amacala enzeka isikhathi esiningi engabikwa ngoba basaba ukuhlekwa noma ukuthi ngeke basizakale.
“Iqiniso lithi izingane ezincane zabafana ziyadlwengulwa, amadoda nawo ayahlukunyezwa ngokushaywa bese lawa athandana nobulili obufanayo agcine edlwengulwa. Izigameko zokuhlukunyezwa kwabesilisa uma zenzeka zinyantisa igazi," kusho uNksz Mkhize.
Ephetha uthe bayahlala phansi nalezi zinhlaka ukuthola izindlela zokukhuza lo mhlola kanjalo nekhambi ekulweni nalesi sihlava ikakhulu emalokishini nasezindaweni zasemakhaya lapho kudlange khona.