Izindaba

Bakhathazekile ngabasele ngaphandle kwesika-R350

Boniswa Mohale|Published

Bakhathazekile ngabasele ngaphandle kwesika-R350, isithombe: Timothy Bernard/African News Agency(ANA)

IZINHLANGANO ezilwela abathola isibonelelo sikahulumeni kazeneme ngokukhishwa inyumbazane kwabantu abawu-11 million abangasasitholi isibonelelo sabangasebenzi.

UNksz Elizabeth Raiters, wenhlangano i-#PayTheGrants, uthe kusukela ngo-Ephreli kuze kuphele wuMeyi abantu akade behola isibonelelo sabangasebenzi balambile njengoba le mali bengasayitholi.

“Uhulumeni ukhiphe abantu abawu-11 million abaswele, akade besizwa yisibonelelo sabangasebenzi. Sithi bawu-11 million ngoba umuntu ngamunye ohola isibonelelo sabangasebenzi wondla okungenani abantu ababili. IwuR8 billion imali engadlulelanga kubantu njengoba uhulumeni esebeke imibandela eminingi kulabo abafaka isicelo sokuhola lesi sibonelelo. Sifisa uhulumeni alusukumele lolu daba ngaphambi kokuthi kwenzeke enye inhlekelele,” kusho uNksz Raiters.

UMnuz Tlou Seopa, we-amandla.mobi, uthe okubakhathaza kakhulu wukuthi nokuthiwa baphumelele, bazoze bakhokhelwe maphakathi noJuni uR350 wabo.

Uthe imigomo nemibandela ebekiwe ukuze abantu bathole isibonelelo sabangasebenzi ikhiphela abampofu ngaphandle ngakho uhulumeni kufanele ayibuyekeze.

Uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi uhulumeni akanaso isivumelwano asisayinile namabhange ukuze ezoqinisekisa ukuthi abampofu abakhokhiswa izindleko ezijwayelekile zasebhange.

“Siyizinhlangano ezilwela umphakathi sifuna uhulumeni anyuse isibonelelo sabangasebenzi sisuke kuR350 sibe wuR624 futhi kungabi nemigomo enzima yokufaka isicelo. Sifuna iPosi liqhubeke nokuholela abantu ngoba alibakhokhisi izindleko ezimba eqolo njengamabhange. Sifuna babuye bonke ababehola ngonyaka odlule baqhubeke nokuhola, hhayi le nto yokukhishwa kwabo inyumbazane,” kusho uSeopa.

Uthe kabahambisani nokuthi abafake izicelo balokhu bevuselela emuva kwezinyanga ezintathu, wathi bafuna kusungulwe ithimba elizohlanganisa uhulumeni nezinhlangano zomphakathi elizoza nesibonelelo sabangasebenzi esingeke sinqamuke.

Khonamanjalo iBlack Sash, enye yezinhlangano ezilwela amalungelo abantu, icele uhulumeni ukuthi alekelele iSouth African Social Security Agency (Sassa) neSouth African Post Office (Sapo) ukulwa nobugebengu osebuphoqe ukuthi amanye amaPosi ayeke ukuholela abantu izibonelelo.

IBlack Sash ithe isimo samaPosi ezweni siyakhathaza kanjalo nokwebiwa kwemali yezibonelelo kuwo, kufanele kusukunyelwe ngoba yiwona asondele kubantu abaswele.