Ziyanda isehlo zokubulalana eNanda
Image: Independent Newspapers Archives
BAKHATHAZEKILE ngokuphinde kuqubuke izigameko zokufa kwabantu eMaoti eNanda, kulandela ukushona kowesilisa ngesikhathi kungenelwa iziqashi, abebezibamba inkunzi kuleli sonto.
Kuthiwa abalisa abane bangene kweminye imiqasho kule ndawo, bengene indlu nendlu bephanga impahla nezinye izinto ngoLwesibili ebusuku.
Kuvela ukuthi bafike kwenye indlu bafica owesilisa kwaba ongaphansi nongaphezulu kubangwa isibhamu.
UMnuz Thabani Mhlongo, osekomitini lewadi, uthe bathole ukuthi abasolwa abagasele kule miqasho, bebehamba bebane bengene indlu nendlu bebamba inkunzi.
“Bebehambe bengena umnyango nomnyango, bethatha ngodli amaselula, amathelevishini nokunye,” kusho uMhlongo.
Uthe kuthe sebefika ekotishini lesiqashi esigcine sishonela esibhedlela, savele sangavuma ukuthi bathathe izimpahla zaso kalula.
“Ngesikhathi isiqashi silwa nomsolwa obephethe isibhamu, siqhume, sadubula omunye umsolwa. Naso isiqashi basidubulile, base bebaleka,” kusho uMhlongo.
Uthe baqinisekise ukuthi babaleka naso isibhamu esenze umonakalo.
Uqhube wathi umsolwa obedubulekile uzamile ukubaleka kodwa waphelelwa amandla esangweni, ngalo uLwesibili. Umufi uthe ugcine eshonela esibhedlela izolo.
“Sifisa amaphoyisa athole ukuthi odubuleke washona ungubani wakuphi bese eya emndenini wakhe ayobuza ukuthi obani abangani angahlukani nabo. Babuze nokuthi ngosuku lwesigameko bamgcina enabaphi abangani,” kusho uMhlongo.
Uthe ngaleyo ndlela ungavela umkhondo wokuthi ababalekile bangobani.
Uthe isiqashi esishonile esasePort Shepstone.
Uveze ukuthi umphakathi ubusazitshela ukuthi kusathule ukubulawa kwabantu kulandela ukuboshwa kwalaba abahamba inkantolo njengamanje.
“Besisathi siphumule kancane ngobugebengu bokubulawa kwabantu. Ebesikuqaphela nje yibo ubugebengu bokubanjwa kwabantu inkunzi,” usho kanje.
Ubalule ukuthi into evele ibakhathaze wukuthi nakuba bebulawa amaphoyisa abanye (abasolwa), abanye beboshwa, abasasele emphakathini basuke bematasa bepheka abasha.
Isolezwe lithole ukuthi umasitende wemiqasho okwenzeke kuyo isigameko akahlali khona, uhlala komunye umuzi osePhoenix.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engaphenduli imibuzo athunyelelwe yona ngoLwesithathu.
Imizamo yokuthola umndeni wesiqashi ayiphumelelanga njengoba inombolo yomndeni ebishayelwa ibikhala ingabanjwa.
Related Topics: