IZAKHAMUZI zaseMlaza, zikhale ngokungasitholi isibonelelo sabangasebenzi kuMengameli Cyril Ramaphosa, ngesikhathi ekhankasa kuleli lokishi izolo.
URamaphosa ubehambele kule ndawo njengengxenye yomkhankaso wakhe wezinsuku ezimbili KwaZulu-Natal, lapho ebenxenxa khona abantu ukuthi bavotele i-ANC okhethweni lohulumeni basekhaya.
Ezindaweni eziningi ezahlukene azihambelile uRamaphosa kuleli lokishi, uzwe ukuthi abantu bakulezi ndawo abasitholi isibonelelo sikaR350 yize bengasebenzi.
Lesi sibonelelo sasungulelwa ukutakula abantu bakuleli abakhahlamezwa ukubheduka kobhubhane iCorona.
Ngesikhathi ekhuluma nabantu esiteshini sesitimela eMlaza, abantu bavele babhoka ngolaka uma uRamaphosa ebatshela ngalesi sibonelelo, athe silekelela abantu abaningi bakuleli abangasebenzi.
Abantu batshele uRamaphosa ukuthi sebeze balahla ithemba ukuthi bayoke bayithole le mali.
Babodwa abakhale ngokuthi bayithola le mali ngesikhathi isaqala ukuholwa kepha bachithwa ngesikhathi sekufakwa izicelo okwesibili.
Abanye bakhale ngokuthi imali incane kanti abanye bathe bafuna lesi sibonelelo sisale sesiholwa unomphela.
URamaphosa ukuvumile ukuthi kunenqwaba yabantu abafaka izicelo zokuhola kodwa abangakasitholi.
“Abantu abafaka izicelo zokuhola lesi sibonelelo bangu-12 million. Lokhu kwasibonisa ukuthi abantu abaningi abasebenzi. Kulabo abafaka izicelo, bangu-6 million asebeyitholile.”
URamaphosa utshele labo abangakayitholi le mali ukuba babekezele njengoba ethe izicelo zabo zisabhekwa.
“Labo abangakayitholi bangalilahli ithemba. Basaqhubeka (abakwaSassa) nokuhlolisisa ukuthi obani okufanele bayithole.”
Kufanele kugcine ngoMashi wangonyaka ozayo ukuholwa kwalesi sibonelelo.
Kepha uRamaphosa uthe basabheka ukuthi angeke yini kwenzeke ukuthi isibonelelo sisale sesiholwa unomphela.
URamaphosa ube esedlulela KwaNdengezi, lapho efike wabhula omunye umlilo.
Ngesikhathi uRamaphosa ekhankasa kule ndawo, onompilo bebephethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi bafuna ukuqashwa ngokugcwele wuMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal.
Labo nompilo bathe sebesebenze njengotoho iminyaka eyishumi.
URamaphosa ubatshele ukuthi udaba lwabo ubeseluzwile, wathi ludinga ukusukunyelwa.
URamaphosa uphothule uhambo lwakhe KwaNyuswa.
Kuzona zonke izindawo azihambele ubefike athule abamele iqembu kulolu khetho.
URamaphosa uthe la makhansela azosebenza ngokuzikhandla futhi angeke azihlanganise nezenzo zenkohlakalo.
“Sifuna bathathe isifungo sokuthi bazosebenzela nina, abezukuzisebenzela bona. Sizobakhipha uma bengasebenzi ngokuzikhandla.
“Kulokhu sithe asiwafuni amavila. Asibafuni abantu abazontshontsha imali,” usho kanje.