UKUHLUKUMEZA abanebala elimhlophe akukhona ukubabulala kuphela kodwa nokubancisha amathuba okwenza imisebenzi njengabanye abantu nakho kungukubahlukumeza.
Lokhu kushiwo u-Andile Ngcobo ongumsakazi weZwi Lomzansi onebala elimhlophe, ngesikhathi kunomkhankaso wokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabanaleli bala oGunjini, eNdwedwe, izolo.
Lo mkhankaso obuhlelwe ngamaphoyisa akule ndawo ubuhambisana nokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane, okwenziwe njengoba kunomkhankaso wezinsuku eziwu-16 zokuqwashisa ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kuleli U-Andile ongumsunguli wenhlangano engenzi nzuzo, ebhekela abanebala elimhlophe, iMasiqoqane Albinism Foundation uthe yize kule ndawo zingekho izigameko ezinkulu zokuhlukunyezwa kwabanebala elimhlophe, ezike zagqama kodwa lokho akusho ukuthi abahlukunyezwa ngoba bayancishwa amathuba okusebenza, okuzobenza bajwayeleke kubantu.
“Uma sincishwa ithuba lokwenza imisebenzi efana nokushanela nokukhuluma emphakathini, sihlala ezindlini okwenza ukuthi sithi uma sesivela emphakathini abantu bangasijwayeli ngoba vele sihlale sizivalele ezindlini.
Yebo, zikhona izinto esingeke sikwazi ukuzenza ngenxa yokuthi amehlo ethu abuthaka kodwa akuthina sonke esinaleyo nkinga, abanye bethu bayakwazi ukushayela izimoto.
Kwalani ukuthi nathi sinikwe umsebenzi wokushanela noma wokuhlanza komasipala? Yingoba thina sibonakala njengabantu okumele baphile ngemali yempesheni kuphela? Akungalindwa kuze kube nezigigaba ezinkulu ezibikwayo zokuhlukunyezwa kwethu sibe sihlukunyezwa zonke izinsuku sigqunywa ezindlini,” kusho * -Andile.
UCol Khumbuzile Madwe umphathi wesiteshi samaphoyisa eNdwedwe, uthe kule ndawo azikho izigameko zokubulawa kwabanebala elimhlophe ezike zabikwa. Kodwa bathe abawenze umkhankaso ukuze nabasacabanga ukukwenza bangakwenzi.
“Kwesinye isikhathi akudingeki ukuthi kuze kube nezigigaba ezinkulu ngaphambi kokuthi siqale umkhankaso. Kuhle ukuvikela kunokwelapha,” kusho uCol Madwe.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo usanda kumemezela ukuthi umnyango wakhe uzoqala umkhankaso wokuthi izikhungo zezempilo esifundazweni zinikeze ukhilimu wokuvikela ilanga, ukuthi lishise isikhumba, i-suncreen mahhala, kwaba nebala elimhlophe okuzovikela ukuthi bahlaselwe wumdlavuza wesikhumba.
Lokhu ukusho ngesikhathi kunephalamende labakhubazekile, eRichards Bay, ngoLwesibili.
Uqhube wathi ngokuthola kwakhe baningi abanebala elimhlophe eMzinyathi naseMkhanyakude abanomdlavuza wesikhumba.
Uthe njengoba umnyango uzoqala umkhankaso bazohlangana nasebenalesi sifo, babone ukuthi iyiphi indlela abangabasiza ngayo.