UMPHAKATHI waseCholwana, eNkandla, ukhala ngokuyekelelwa wumasipala othi sekuphele iminyaka uzama ukuwunxenxa ukuthi uwakhele ibhuloho lomfula iNgwegweni, okubikwa ukuthi ungenisa ngamandla uma kunezimvula.
Kulo mfula okuthiwa uyingozi uma kube nemvula ehamba nezikhukhula, kubikwa ukuthi kunamatshe abekwa wumphakathi eminyakeni eyedlule, ngenhloso yokuthi izingane zisebenzise wona uma ziya ezikoleni.
UMnuz Funda Zulu oyilungu lomphakathi, uthe sekuphele iminyaka bezama ukuthi kulungiswe isimo abaphila ngaphansi kwaso kule ndawo.
Uthe sekufike lapho bephelelwa khona yithemba lokuthi luyoke lunakwe udaba lokwakhiwa kwebhuloho.
“Amatshe esawabeka ngenhloso yokuthi abantu bakwazi ukuwela kulo mfula, aseyaguguleka nawo. Umasipala waseNkandla uyalwazi usizi esibhekene nalo kodwa asiqondi ukuthi kungani ungalekeleli enkingeni esikuyo,” kubeka uZulu.
Eqhuba, uthe ngoFebhuwari umphakathi unqume ukuwubhikishela umasipala ngenhloso yokuthi uzwakalise isikhalo sawo.
“Okusiphakathi kabi wukuthi umasipala awufuni ukusicacisela ukuthi singasizakala kanjani kule nkinga,” kuqhuba yena.
Imizamo yokuthola ikhansela lendawo ayiphumelelanga njengoba ucingo lwalo belukhala lungaphendulwa. Umyalezo othunyelwe yintatheli, nawo ugcine ungaphendulwanga.
Okhulumela uMasipala waseNkandla, uMnuz Mgcobeni Khanyile, uthe bebengazi lutho ngalolu daba.
Uthe emhlanganweni umkhandlu obe nawo namalungu omphakathi ngoMashi, ayethulwanga kubo le nkinga.
“Sizohlela ukuyobheka isimo ukuze sikwazi ukudlulisela lolu daba kuMnyango wezokuThutha KwaZulu- Natal okuyiwo ongalungisa le nkinga okukhalwa ngayo,” kubeka uMgcobeni