MBALI KHANYILE
ABANTU abahlala ehostela laseWema, eMobeni, okushe kulo amagumbi ayisikhombisa ngoLwesihlanu olwedlule ekuseni, bakhala ngoMasipala weTheku ongasazixaki ngokulungisa ugesi wabo nowagcina ukulungiswa ngaphambi kokuthi kube nothaqa kuleli ngenxa yeCovid-19.
Kuthiwa kuleli hostela okuqubuke kulo umlilo ngenxa yamakhebuli kagesi okubikwa ukuthi yiwo adale umonakalo, kushe kwangqongqa amagumbi ayisikhombisa kuBlock J. Kubikwa ukuthi zonke izimpahla ebezigcinwe kula magumbi, zishe zaphenduka umlotha. Igumbi okuqale kulo umlilo kubikwa ukuthi belikhiyiwe njengoba abantu abahlala kulo bebegodukile bonke. Umlilo kuthiwa uthungeleke kwamanye amagumbi asondelene nalelo okuqubuke kulo umlilo.
UMnuz Bhekani Zondi ongusihlalo wenhlangano yabahlali basehostela, uthe basola ukuthi umlilo udalwe wukuqhuma kukagesi ohluphayo kuleli hostela. Uthe lesi sehlo akusikho okokuqala senzeka njengoba ngo-Agasti wangonyaka owedlule kwasha amagumbi amane kuBlock G. Uthe okumphatha kabi wukuthi namanje abantu abashelwa yizimpahla zabo namagumbi abebehlala kuwo basayimintunta nendishi njengoba besalala ehholo lomphakathi wakule ndawo.
“Inzima inkinga esibhekene nayo yokuhlupha kwagesi. Okuphinde kukhathaze kakhulu wukusha kwezimpahla zabantu ezibalulekile nezigcina zingakwazi ukuphuma ngenxa yomlilo osuke unamandla. Selokhu kwamiswa ukubhekwa kwagesi, baningi abantu abakhonondayo ngawo,” kusho uZondi.
Eqhuba uthe selokhu umasipala wakumisa ngoMashi ukulungiswa kwagesi, izinkinga zawo ziya ngokwanda. Uthe njengamanje amathemba abo alele kumasipala njengoba bexhumana nawo njalo uma behlangabezana nale nkinga.
UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku, uthe bebengakalutholi ulwazi ngokwenzeke kuleli hostela kodwa lolu daba bazolulandela.