USEBAME emphinjeni umam’ mfundisi abazalwane abasonta ebandleni labathandana nabanobulili obufana nobabo, abathi uhlale etsheleka kubo imali ebashintshashintsha masonto onke.
Bathi cishe wonke umuntu okuleli bandla, ukweletwa wumama umfundisi.
Bathi lokhu sekwenze abanye bakhetha ukungabe besalubeka kuleli bandla njengoba bethi ubabizela emaceleni aboleke imali.
Abazalwane bebandla iVictory Ministries Church International (VMCI) eholwa uMfundisi Zenzi Zungu, bathi uNkk Ayanda Zungu (uMam’ Mfundisi) ufike walidunga leli bandla. UZungu owazakhela udumo ngokuphumela obala ngaleli bandla elingazixwayi izitabane, washonelwa wumkakhe njengoba sekukhona omusha ofike ngePhasika elidlule.
Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi kunabazalwane abakhala ngokukweletwa uNkk Zungu okumanje ukhonjwa kubo e-Eastern Cape. Kuthiwa uboleka imali encane athi uphuthuma ukuyocwala ikhanda, kwabanye aboleke enkulu esuka kuR500 kuya phezulu.
Elinye ilungu lebandla elingathandanga ukudalulwa, lithe lamboleka uNkk Zungu ngoba limethemba njengomama webandla. Amalungu ebandla akhala nangendlela angakwazi ngayo ukukhuluma uNkk Zungu, kuthiwa uvele aphoxe abazalwane. Yingakho kuthiwa sekuhambe inqwaba kuleli bandla selokhu efikile.
Kuthintwa uNkk Zungu ngalezi zinsolo, uthe umfundisi uyamazi ukuthi ukuphi futhi akahambanga namali yamuntu. Ukhale ngokuthi uyagula, uyokwazi ukukhuluma kahle ngalolu daba uma esesindile.
Kuthintwa uZungu, ukuqinisekisile ukuthi ibandla lidungekile ngenxa yokungenami ngomkakhe. Uthe eyokukweleta abazalwane uyizwile wakhuluma naye kodwa waphika.
“Wangitshela ukuthi abantu abakweletayo usebakhokhelile. Indlela engizama ngayo ukuvikela ibandla ngibonile ukuthi le ndaba izolixova,” kusho umfundisi.
Uthe umkakhe wahamba ngaphambi kukaKhisimusi eya emcimbini kayise, naye ongumholi webandla e-Eastern Cape. UZungu uthe umkakhe uhamba nje ubevele engasalubhadi esontweni ngenxa yazo lezi zinkulumo.
“Ngiyazi impela ukuthi ukubo kodwa ukuxhumana akukho kahle. Wangitshela ukuthi uyagula futhi angikaze ngimbone. Akafuni ukukhuluma nami futhi angilitshelanga ibandla ngokwenzeka phakathi kwethu ngoba ngizama ukulivikela,” kusho uZungu.
Mayelana nezikhalo zokuxova ibandla uZungu uthe uyazi ngazo. Uthe uzamile ukumbonisa umkakhe ngoba ubengakwazi ukukhuluma kahle nebandla, wahluleka nokusebenzisana nabanye abefundisi. IVMCI yibandla lokuqala eliphumele obala ukugcoba nabefundisi abayizitababe esifundazweni, eselinamagatsha naseGoli.