UMHOLI wohlangothi lwaseThembezinhle, uPhinda Shembe
Image: SIGCINIWE
LUKHALA ngokukhethwa okwephela emasini, lungahlinzekwa ngamanzi wuMasipala wesiFunda saseZululand, uhlangothi lwaseThembezinhle, ebandleni lakwaShembe njengoba kuqhubeka izinkonzo eziba ngoJuni minyaka yonke KwaNongoma.
Lokhu kuvezwe uMshumayeli uMbongeni Manqele, owengamele ithempeli laseMafutheni, eSiginsi, KwaNongoma, izolo.
UManqele uthe njalo phakathi kukaJuni 1 kuya ku-15, uhlangothi lwabo luba nezinkonzo kuleli thempeli, ezihlanganisa amagatsha ehlukene ebandla.
Uthe kulezi zinkonzo, kusuke kukhona nomholi wohlangothi, uPhinda Shembe.
“Asihlinzekwa nhlobo ngamanzi yize kusuke kwaziwa ukuthi kunezinkonzo ezinkulu esinazo,” kusho uManqele, othe lezi zinkonzo zihanjelwa amalungu angaphezu kuka-5 000.
Uthe isimine iminyaka bebhekene nale nkinga.
Uqhube wathi okubaxakayo ukuthi izinkonzo zohlangothi lwaseBuhleni, oluholwa uMduduzi Shembe, uNyazilwezulu eziba soSuthu, khona KwaNongoma, ngesikhathi esifanayo zona ziyahlinzekwa ngamanzi.
“Sibuhlungu ngokuthi umasipala, uyalunyundela uhlangothi lwethu ngamanzi bese uchema nalolu olunye,” kusho uManqele, othe lokhu kuyabaxaka ngoba umholi wabo uyena osemthethweni, njengoba wavunywa nayizinkantolo.
Uveze ukuthi bayakholelwa ekutheni umasipala ukwenza ngamabomu lokhu njengoba basuke bewacele kusasele inyanga yonke amanzi.
“Sisuke singabathathelanga phezulu. Incwadi yokucela amanzi siyihambisa ekuqaleni kukaMeyi. Kuthi uma sekufika isikhathi sokuthi sihlinzekwe ngamanzi, bese sitshelwa izinto ezehlukene,” usho kanje.
Kulezo zizathu uthe babuye batshelwe ukuthi amaloli athutha amanzi afile, kokunye bazitshwe ingcaca.
“Sixakwa ukuthi amaloli ayafa uma kufanele balethele uhlangothi lwethu amanzi kodwa uma kuhanjiselwa uhlangothi lomholi owaphikwa yizinkantolo, ayibi khona inkinga,” usho kanje.
Uthe ngisho namathoyilethi, kabahlinzekwa ngawo kodwa lolu olunye uhlangothi luyahlinzekwa.
Okhulumela uMasipala waseZululand, uNksz Zanele Mthethwa, uthe uphiko lwabo lweTechnical Services alukaze luthole izikhalazo phambilini.
"Singumasipala sizibophezele ekuhlinzekeni izakhamuzi ngamanzi ngaphandle kokuchema njengoba lokho kuwumsebenzi wethu. Ithimba lethu lihlala lizimisele ngokuhlinzeka amanzi izinkonzo zebandla," kusho uNksz Mthethwa.