BAKHALA ngobuxoki bamaphoyisa abadayisi basemgwaqweni, uMansel, ngaseDurban Station, njengoba bethi bebetapa nawo kodwa manje aseshaya ungqimphothwe aselanda izimpahla futhi aseyababopha.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, amaphoyisa eSAPS nakaMasipala weTheku bagasele kuMansel izolo emini kwancane indawo, kwaboshwa inqwaba.
Kushaqwe ukudla, amafriji, amathelevishini, imibhede, amakhabethe, izitofu ezinkulu, ama-microwave, osofa abasha ceke nezinye izimpahla zikanokusho.
Ngesikhathi amaphoyisa ethatha impahla, abahlali bebemi izixongololo ngaphandle kwezitolo zabo, usizi lubhalwe emehlweni. Abanye bebalisa ngokuphucwa iqatha emlonyeni ngabantu ebebetapa nabo.
Abahlali bakule ndawo bathi bekumnandi betapa nawo amaphoyisa futhi ebagunyaza ukuthi baqhubeke batape kodwa bangashisi.
Omunye wabahlali, uNksz Nomasonto Ndlovu, uthe ukulandwa kwezimpahla ebezitatshwa kubona kufana nokuthengiswa kwabo ngoba bengabantukazana.
Uthe ngesikhathi betapa amaphoyisa ayeze abatshele ukuthi mabasheshise.
“Ibuhlungu lento eyenziwa kithina. Manje sebefika noBheki Cele sebephethe izibhamu sengathi bona bamsulwa ekubeni nabo beyizigebengu. Abukho ubulungiswa eNingizimu Afrika,’’ usho kanje.
UNkz Ntombizodwa Zulu uthe kuyichilo lokhu okwenziwa ngamaphoyisa kubona. Uthe akaze ezwe ukuthi isigebengu silanda impahla kwesinye isigebengu. Uthe kuyacaca ukuthi lezi zimpahla bebetshelekiwe zona.
“Angeke ngiphinde ngiwathembe amaphoyisa empilweni yami. Singafika sitape sonke kumnandi ekugcineni abanye abatapi babuye sebephethe izibhamu sebethi bayasibopha. Impela ngigeze izandla,’’ usho kanje ngokudumala.
UNkz Nokwanda Zikhali uthe ufisa ukuthola kuCele ukuthi impahla eyatatshwa ngamaphoyisa yona ilandwa nini.
UCele uthe bamatasa balanda impahla etatshiwe. Ubonge amalungu omphakahi alokhu ebanika ulwazi lokuthi zikuphi izimpahla ezitatshiwe.
“Kulabo abangazibuyisi ngokwabo izimpahla abazitapile, abancamela ukuvala thaqa izindlu zabo, lokhu ngeke kubasize uma sizozilanda. Izimpahla ezilandwayo ziyizibithi, zizosetshenziswa njengobufakazi uma sekuqulwa icala. Zizogcinwa endaweni enkulu, zigadwe amaphoyisa,” kusho uCele.
Uthe kuboshwe abantu ababalelwa ku-3 400 eKZN naseGauteng ngamacala ayamaniswa nokutapa.
“Isivulwe yonke imigwaqo ebivaliwe kubhekwa abantu abadlula khona. Amasosha namaphoyisa yiwona agadile. E-Phoenix sitshale amaphoyisa angu-70 namasosha abalelwa ku-100,” kusho uCele.