BAKHALA ngokuhlala isikhathi eside kolindela, abakhishwa emizini yabo ngesikhathi kwakhiwa inxanxathela yezitolo namapaki ngo-2010, eMlaza ngesikhathi seNdebe yoMhlaba.
Amalungu e-IFP eThekwini abhikishe eCity Hall, edolobheni izolo, ekhala ngokuthi uhulumeni uyehluleka ukuxazulula usizi lwababekwa kolindela.
USihlalo we- IFP eThekwini, uMnuz Joshua Mazibuko, uthe uhulumeni wedolobha nowesifundazwe ubonakalisa ukungabakhathaleli abantu ngoba kuneningi labantu elasuswa ezindaweni zabo ngo-2010, labekwa kolindela lathenjiswa ukuthi kuzoba wokwesikhashana.
Uthe kuze kube yimanje akukho okusenziwe ukuze bathole izindawo zokuhlala okungezabo, noma uxhaso lwezindlu, kunalokho baswele ngaphezu kwakuqala.
Omunye wababekwa kulindela eSiphingo, uNkk Beatrice Dlamini (48), uthe yena nomndeni wakhe selokhu babekwa kolindela ngo-2009 kodwa akukho okuthembisayo ukuthi bayoke basuswe ngoba kuthulakele.
Uthe basuswa emzini wabo kwaD, eMlaza ngenxa yokuthi kwakuzolungiswa inkundla yebhola khona nokwakhiwa kwenxanxathela yezitolo.
“Sibaningi esaphoqeleka ukuthi siphume yize sinamatayitela kodwa kwakungekho esingakwenza.
“Basithembisa ukuthi sizothola izindawo ezintsha emveni kwezinyanga eziyisithupha kodwa sekudlule iminyaka engu-13 sihlezi kanjalo nesimo senhlalo kasisihle, nobugebengu bubhokile.
“Uma kuna imvula kungena amanzi endlini, nezingane ezifundayo ziyaphoqeleka ukuthi zingayi esikoleni ngoba kusuke kumanzi yonke impahla endlini, ngisho nomfaniswane wesikole,” kuchaza uNkk Dlamini.
Uthe selokhu bafika kule ndawo umasipala awukaze usho lutho oluphathekayo, kunalokho bafika babathembisa amathuba emisebenzi nawo agcina engavelanga.
“Basitshela ukuthi kuzokwakhiwa izindlu zomxhaso eSiphingo futhi kuzoqashwa abantu abavele behlezi kule ndawo, abalinde izindlu ukuthi kube yibona abazosebenza.
“Njengamanje izindlu ziyakhiwa kodwa akuzange kuqashwe noyedwa esimaziyo,” kuchaza uNkk Dlamini.
Uthe kumanje bahlezi ngoba bebekezele futhi kungekho abangakwenza.
Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Mbulelo Baloyi, uthe umnyango usebenzisana noMasipala weTheku kusukela ngo-2010 ukulungisa ukususwa kwabantu kolindela.
“Maqondana nolindela eSiphingo, siqale uhlelo olusheshayo lokuqeda lezi zindawo.
“Njengamanje kwakhiwa izindlu eziyizitezi ezingu-360 emgwaqweni uKanku, eSiphingo ukubhekelela abahlali bakolindela,” kusho uBaloyi.
Uveze ukuthi umnyango wehlise isibalo solindela ebebesezindaweni ezingajwelekile, ebezingaphezulu kuka-120 eThekwini ngo-2019, kuze kube yimanje cishe zingu-79 ezisazoqedwa.
Okhulumela uMasipala weTheku, uNkk Lindiwe Khuzwayo, uthe idolobha lisaqhubeka nokwenza konke okusemandleni ukusheshisa uhlelo lokuthi bakwazi ukuthuthela ezindaweni ezahlukeni.