ABANTU bazwakalisa ukucasuka ngokucwasana ngokwebala okwenzeka kwezinye izindawo esifundazweni, iKwaZulu Natal.
UNksz Yoliswa Ngwenya, ohlala eMusgrave, eThekwini, uthi kube nzima izolo ukuthi aye lapho ehlala khona ngenxa yabantu abamhlophe namaSulumane akade evimbile emigwaqweni engenela eMusgrave, okubalwa uCurrie Road, Musgrave Road neminye engenela kule ndawo.
Uthe: “Bonke laba bantu bahlomile, abanye baphethe izibhamu, ama-baseball bats nama-hockey stick. Uma nje ungumuntu omnyama uyamiswa ubuzwe imibuzo ukuthi uwubani, uhlala kuphi futhi uyaphi. Uma ungahlali lana uyajikiswa. Ngingasho nje ukuthi udluliswa ngokuthi usikhuluma kahle yini isiNgisi.”
Uqhube wathi akazi ukuthi udlule kanjani ngoba akukho abekuphethe okutshengisa ukuthi uhlala kule ndawo.
UMnuz Mzwandile Cele, ohlala eWestbrook, ephakathi kweLa Mercy neBallito, uthi izolo ubeya eBallito eyozama ukuthola i-airtime nesinkwa. Uthi abantu abamhlophe bamvimbile bamtshela ukuthi akavumelekile ukungena kule ndawo ngoba umnyama ngokwebala.
“Bathe angihambe ngiyocela usizo kuMnuz Jacob Zuma. Lokhu kungiphathe kabi. Ngiyabona ukuthi bazama ukuvikela indawo kodwa indlela abakhuluma ngayo ayilungile,” kulandisa uCele.
Uthe la mazwi afana nalawa abhebhethekisa udlame, kungaba kuhle ukuthi kuhlonishwane.
Kwenzeka lokhu nje uNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi, uNkk Peggy Nkonyeni, usanda kukhuza izigameko ezifana nalezi.
Uthe izenzo ezifana nalezi zizodala uqhekeko esikhathini lapho engabe siyabumbana khona silwa nokuphangwa kwempahla, ukucekelwa phansi kwempahla nengqalasizinda.
IMeya kuMasipala weTheku uMnuz Mxolisi Kaunda, ngesikhathi ehambele ePhoenix izolo okungenye yezindawo ebe nezigameko okusolwa kuzo ukucwasa ngokwebala. ugxeke izenzo zokutatshwa kwempahla wathi zifuna ukufaka phakathi izenzo zokucwasa ngokobuhlanga okuyinto esibuyisela emuva elakuleli.
“Kubalulekile ukuthi sihlanganeni silwe nobugebengu esibubona benzeka.Thina siyakholelwa ekutheni siwumphakathi owodwa obambisene,” kusho uKaunda.
Uthe bewumasipala bahambela amalokishi aseThekwini, befuna ukuqinisa nokunxenxa abaholi ikakhulu abezenkolo abehlukene, osomabhizinisi, osomatekisi nezinhlaka ezehlukene emphakathini ukuthi basebenzisane nabo, ukuze bathole nesisombululo nokubuyisela isimo kwesejwayelekile kuleli dolobha.
UKaunda ekhuluma nabezindaba uthe ubuholi buyadinga ukuthi bulalela abantu njengoba lezi zibhelu ziqale ngokuthi iNkantolo eNkulu yoMthetho-sisekelo igwebe owayewumengameli kuleli uMnuz Jacob Zuma, izinyanga eziwu-15 ebhadla ejele.
“Lokhu kushiwo abantu akushiwo umasipala. Ngakho labo okumele bananele ekhweleni elihlatshwa wumphakathi lokuboshwa komuntu oneminyaka engu-79, kumele benze njalo. Ngithanda ukunikhumbuza njengabezindaba, ngesikhathi kusaphethe uZuma kwakukhona abantu abaningi ababebhikisha befuna asuswe. Ngeke labo bagxekwe ngoba babenza okukumthethosisekelo wakuleli. Awukwazi-ke ukuthatha uhlangothi uma abantu besho abakushoyo uthi okwakushiwo ngaleso sikhathi kwakukuhle,” kusho uKaunda.