Izindaba

Bakhala ngokubanjiswa udonga wuhulumeni kolwamanzi

Simphiwe Ngubane|Published

SIMPHIWE NGUBANE

AKHALA ngokubanjiswa udonga wuhulumeni obathembisa amanzi kodwa angabahlinzeki wona amalungu omphakathi ahlala emiphakathini eyakhele uMasipala Ugu. Athi sekuneminyaka amanzi ewakhongozela emalolini noma ayowakha emfuleni.

Amalungu abekhala kuNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, obehambele eBhobhoyi naseGamalakhe oGwini, izolo, ethi uzobhekana nenkinga yamanzi ekhungethe indawo.

UMnuz Thandazani Mbhele waseMzumbe, uthe abehlala ngokuhlupha amanzi okuyinto egqame kakhulu esenqamuka emva kokhetho lwamakhansela ngonyaka odlule.

Uthe bawathenga ngoR250 amanzi agcwala imiphongolo emine kodwa uma bengenayo imali baphuza awasemfuleni abaqale bawapheke.

UMnuz Sphelele Cele usihlalo wophiko olubhekele izindaba ezithinta intsha kuMasipala iRay Nkonyeni, uthe kulokoza inhlansi yethemba emva komhlangano wabo nondunankulu..

Usole umkhandlu ngokuthembela kakhulu ohlelweni lokuthuthela abantu amanzi ngamaloli esikhundleni sokubadonsela wona eduzane, bawathole egcekeni empompini.

UMnuz Ayanda Bhengu waseMzumbe, uthe abanawo ngisho amanzi okuphuza futhi imiphakathi eminingi ayinayo imifula, wathi kwi-ward yabo iloli ifika kanye ngesonto izobanika amanzi, uma ikushwebile uba kwenkulu inkinga.

“Sinalo ithemba ngoba undunankulu uthe uzolusukumela udaba. Isimo esibhekene naso sokungabi nawo amanzi, sinzima kakhulu,” kusho uBhengu.

Undunankulu uthe Ugu, olunabantu abangu-898 000, lubalulekile ekuthuthukisweni komnotho ngezokuvakasha. Uvumile ukuthi asentuleke isikhathi eside amanzi emkhandwini.

Enye yezingqinamba ekuhlinzekweni kwabantu amanzi, kubangelwa ingqalasizinda esindala nokuthi yayakhelwe idlanzana labantu ekubeni sikhula nsukuzonke isibalo sabantu oGwini.

“Ukucekelwa phansi kwengqalasizinda ngenxa yobugebengu nezidubedube futhi kwashiswa namaloli angu-36 athuthela umphakathi amanzi, kube nomthelela. Kukhona nabantu abangawakhokheli amanzi, futhi kukhona nabasebenzi bakahulumeni abangawenzi umsebenzi,” kusho uZikalala.

Uthe ngokubambisana nohulumeni kazwelonke, bazophuthumisa izinhlelo zokwakha, ukunweba nokulungisa iziphehli zamanzi namadamu, ezinye zalezi zinhlelo ezizophothulwa ngoJuni nonyaka.

UZikalala ukugxekile isigameko sokudutshulwa kwabantu abathile ngezinhlamvu zangempela okwenzeke embhikishweni womphakathi obukhala ngamanzi eMzinto, ngoMsombuluko.

“Nanoma yisiphi isikhalazo abantu abanaso sizimisele ukusilalela. Okwenzeke eMzinto isehlakalo esingafuni ukuthi sibuye sisibone senzeka. Ingakho sizosithathela izinyathelo ezinqala,” Kusho uZikalala.

Uthe bazobuyela kule ndawo ngenyanga ezayo futhi bazohambela nakwezinye izifunda ezinenkinga yamanzi.