UKHALA ezimathonsi umphakathi waseSihlengeni ngenkosi othi inqwahe nomhlaba owabuyiselwa wona.
Amalungu omphakathi ahlomula ekomitini lokubuyiselwa komhlaba iMpumelelo Trust, eSihlengeni, ngaphandle kwaseVryheid asola inkosi uMntwana uMfanovele Buthelezi ngokuthi uzititilizela imali yokuqasha, ekhokhwa uMfolozi Forest, otshale amahlathi kulo mhlaba.
UMnuz Nhlanhla Buthelezi uthe inkosi yayingeyona ingxenye yabantu abafaka isicelo sokubuyiselwa umhlaba, ngo-2015 yaqhamuka seyithi ikhethwe yaba ngusihlalo ekubeni bengawazi umhlangano eyakhethwa kuwo, ngakolunye uhlangothi inkosi ithi ubulawa umona ngoba ebona ukuthi kunebhodwe eliconsayo.
Inkosi ithi uButhelezi (Nhlanhla) akekho ohlwini lwabantu ababhalwe phansi ukuthi bazohlomula ngemali etholakala kulo mhlaba.
Ngaphandle kwabo kunabanye abantu bakwaButhelezi abathi le nkosi enenkantolo eSitetema, oLundi yacela ukukhoseliswa ngo-2014, yasondelana nekomiti laphambilini elalakhiwe ngabantu abadala, abayisondeza ngoba bazi ukuthi inkosi iyahlonishwa, ekugcineni yazikhetha yona nabangani bayo.
Omunye wamalungu akwaButhelezi ohlala khona eBathenjini, uthe inkosi igqumuza imali yekomiti, ithenga izimoto ezibizayo, seyinqabela nabanye abantu abasuswe kule ndawo ngendluzula asebefuna ukubuya.
“Phambilini besithola uR1 500 oyinsonyama njalo ngonyaka kodwa manje inkosi isivele isithengele igilosa singazange sisho ukuthi sifuna yona. Siyesaba nokubuza ukuthi le gilosa ubani oyicelile, ngoba sizothathwa njengabantu abangayihloniphi inkosi. Inkosi yangena kungafanele ekomitini, kumanje ihlala endlini okwakungeyomlimi omdala ngoba alikho inxiwa lakubo kulesi sigodi,” kusho yena.
Ibuzwa ngalokhu inkosi ikuvumile ukuthi ihlala kulo muzi yathi iyazi ukuthi bakhona abantu abakhalayo kodwa ngeke iphike nokukhala kwabo ngoba abantu bayohlale bekhala kodwa akukho okungemthetho ekwenzayo.
“Ngihamba ngayo impela imoto yekomiti, enye ihamba elinye ilungu lalo ikomiti, kukhona nogandaganda nawo othengwe ngayo imali esiyizuza ngerenti. Ngaphandle kwalokho kunesitolo nebhodlelasitolo nakho okungenisa imali. Le mali akuyona eyethu eyabantu abangamalungu okubuyiselwa kwalo mhlaba ababhaliwe hhayi abantu abasuswa kule ndawo kodwa abangabhaliwe. Ababhaliwe sinamakhophi omazisi babo, yibo abavotayo, abaziyo ukuthi kwavotwa nini, kulo mhlaba ayikho indawo yokwakha, indawo enkulu ingamahlathi, zikhona ezinye izindlu ezimbili ezingahlali muntu owabuyiselwa umhlaba, ezihlala abasebenzi. Abakhalayo abavinjwe muntu ukuthi bahambe nabo bayohlala kuzo,” kusho inkosi.
UMnuz Bheki Mbili wekhomishini yokubuyiselwa kwamalungelo omhlaba KwaZulu-Natal, uthe kunzima ukuthi bangenelele emakomitini aziwa ngama-Trust ngoba izincwadi ezigunyaza ukusebenza kwamakomiti zikhishwa yinkantolo enkulu.