Izindaba

Bakhala ezimathonsi ngephoyisa elibulewe

Nonthuthuko Ngubane|Published

CONSTABLE SIMISO CLERMENT ZONDI CONSTABLE SIMISO CLERMENT ZONDI

NONTUTHUKO NGUBANE

U MNDENI wephoyisa elidutshulwe ngentululwane yezinhlamvu ngoKhisimusi ukhala ezimathonsi njengoba bekuyilona ebelondla izingane zakubo eziyizintandane.

UConstable Simiso Clement Zondi (28) ubulawe ephuthuma isigameko ebesibikiwe sokutholakala kwezinhlamvu ezingekho emthethweni eMatimatolo, ngaphandle kwaseGreytown.

Lesi sigameko senzeke ngoKhisimusi ebusuku.

Umndeni wakwaZondi uthe uKhisimusi wabo waphenduka izinyembezi futhi abakazi ukuthi bazoqhubeka kanjani nempilo.

Leli phoyisa belihamba nozwakwabo nokuthe besendleleni eya lapho bekubikwe khona isigameko sokuqhunyiswa kwezibhamu, bazithela phezu komkhwenyana wowesifazane okuthiwa uboshiwe kulandela ukusolwa ngokuba nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

Lo wesilisa kusolwa ukuthi ube esedubula leli phoyisa, umufi naye wadubula ebhekise kulo wesilisa.

Iphoyisa lilimale kanzima, laphuthunyiswe esibhedlela lafike lashonela khona.

Umfowabo kamufi uMnuz Khehla Zondi (23), uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokushona kwesibani sabo.

“Umfowethu nguyena omdala ekhaya, abazali sebashona. Besibheke yena ngakho konke. Asazi nokuthi singathini ngesihluku esisivelele kubulawa umfowethu ngale ndlela enesihluku ngezinhlamvu ezibalelwa kweziyisikhombisa. Sikhala izinyembezi zegazi, ubeyisibani sokukhanyisa kulo muzi. Okwenzekile besingakulindele, sizumekile. Ngikhuluma nje asazi impilo izoqhubeka kanjani ngoba nguyena obesondla, nguyena kuphela osebenzayo. Konke bekubheke yena, manje sisele sodwa nabazali bethu kade bashona,’’ kusho uZondi.

Leli phoyisa belingashadelwe kodwa linezingane ezine, odadewabo ababili (ona-24 no-17) nomfowabo oyedwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Jay Naicker, uthe lo wesilisa uphuciwe isibhamu, kulindeleke ukuba avele enkantolo yaseGreytown maduze ebhekene necala lokubulala.

UNgqongqoshe wezokuPhepha KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu ukhalise umndeni namanye amaphoyisa ngalesi sigameko nathe kumele siphele lesi sihlava sokubulawa kwamaphoyisa esemsebenzini.

“Kuyashaqisa indlela uConstable Zondi obesemsebenzini abulawe ngayo. Lo wesilisa ubezinikele emsebenzini wokuvikela isizwe kodwa wabulawa ngosuku lukaKhisimusi. Kumele sisebenze ngokuzikhandla ekuphenyeni leli cala, yikhona sizokwenza isibonelo sokuthi ukubulawa kwamaphoyisa kubucayi kakhulu futhi kuyicala elinzima. Laba abasuke bethinteka kumele bajeze kanzima. Sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi siyaphenyisisa ngokwenzekile, sinxusa namalungu omphakathi azibonele lesi sigameko ukuba atshele amaphoyisa ngabakubona,” kusho uMchunu.

Ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini wephoyisa nakozakwabo abebesebenza nalo.

UMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni ukhale ngokuphinde kubulawe elinye iphoyisa esifundazweni nacele umphakathi ukuba usize ulekelele amaphoyisa ukulwisana nokubulawa kwawo ngesihluku nobulwane obufana nalobu.

UZondi uzofihlwa eShane, eGreytown, ngoMgqibelo.