OMUNYE wabaholi abaphezulu beDA, uNksz Mbali Ntuli, uthi kukhona abake bazama ukumxosha eqenjini ngokumbophela amanqina enyathi.
UNksz Ntuli usho lokhu encwadini ayibhalile wayinika isihloko esith: Insiders and Outsiders: The politicisation of our DA disciplinary processes.
Incwadi ithunyelwe ezithunyweni zeqembu ezilungiselela ingqungquthela ka-Okthoba/Novemba.
UNksz Ntuli uzobe ebanga isikhundla sokuhola iqembu noMnuz John Steenhuisen.
UNksz Ntuli uqale incwadi ngokuthi izinkinga zeqembu zazicutshungululwa kahle ngoba kwakufunwa ukuthi kubonakale sengathi kunobumbano kunokuthi kuxoxwe ngezinto ezinzima.
Uthe akubona ubuhlanga obubulala iqembu kodwa ngabantu abathile abafuna ukugxomothela amandla ngoba benezinhloso zabo.
“Akubona ubuhlanga, inkolomqondo okanye intsha ibhekene nabadla ngoludala kodwa ngabantu abazifunela amandla abakholwa wukuthi ukwesatshwa iyona ndlela yokuqondisa ubugwegwe,” kuveza uNksz Ntuli.
Uthi inselelo enkulu yeqembu wukubhekana nekomiti eliqondisa ubugwegwe langaphakathi.
Uthe ayikho indlela eyodwa okuthethwa ngayo amacala nokuqondiswa ngayo ubugwegwe ngenxa yepolitiki yangaphakathi.
Uveze ukuthi naye waba ngumgilwa walokhu ngo-2007, kuthiwa uzobekwa icala ngoba ukhombise ukweseka okwakubhalwe ekhasini likaFacebook, okwakuveza ukungamthandisisi owayengumholi uNkk Helen Zille.
“Ngashaqeka ukuthi ngibekwe icala ngenxa yengikubhale kuTwitter kaNkk Zille ngesikhathi ebhekene nezinkulumo eziningi ngayekubhala. Kwagcina kuvelile ukuthi anginacala, amacala ahoxiswa. Akuzange kube yinto emangazayo ukuthi noma ikomiti eliqondisa ubugwegwe liphakamisa okunye ngenxa yepolitiki, udaba lwaqhubeka kwamele kuphenywe, ngalahlekelwa yimali eningi ngiqasha abameli ngiphendula nangezinsolo ezingabambeki,” kuveza uNksz Ntuli.
Uthe kwaba nemizamo yokuba amiswe kodwa yangaphumelela, kunalokho iqembu laxolisa.
Okhulumela iDA, uMnuz Solly Malatsi, uvikele ikomiti eliqondisa ubugwegwe, wathi okubhalwa nguNksz Ntuli kuyimizamo yokuba azakhele ugazi embangweni wobuholi.
Uthe ikomiti elibheka amacala nokuqondiswa ubugwegwe lenza umsebenzi ngendlela efanele ukuqinisekisa ukuthi izinto zeqembu zihanjiswa ngendlela futhi lisebenza ngendlela eyamukelekile.