Izindaba

Bajika nelanga abesikole esintula amathoyilethe

Simphiwe Ngubane|Published

KWAKUNGATHI bathelwe ngezibonkolo abafundi basesikoleni eSiyandamazulu Primary, KwaMashu, ababebhikishela ukuthi bafakelwe amathoyilethe ashaywayo Isithombe: Bongani Mbatha/African News Agency (ANA)

BADUVE emakhaya abafundi basesikoleni, iSiyandamazulu Primary, KwaMashu, ngenxa yengwadla yokungabi bikho kwamathoyilethe.

Kuzokhumbuleka ukuthi Isolezwe ngoLwesibili olwedlule, libike ngombhikisho wabafundi nabazali owawukade ungoMsombuluko ngesikhathi kuvalwe thaqa amasango esikole nomgwaqo ongenela esikoleni.

Lokhu kwabangelwa wukuphephuka kwamathoyilethe amahlanu angomahamba-nendlwane abesetshenziswa ngabafundi, nokwaholela ekutheni itshe lentaba lisakazeke ligcwale amagceke esikole.

Kuthiwa lokhu kwaphoqa ukuthi izingane zibuyiselwe emakhaya.

Njengamanje, ngabafundi bakwaGrade 7 kuphela abaya esikoleni njengoba kuvela ukuthi bazikhululela emathoyilethe othisha, wona ashaywayo.

Ngokusho kukasihlalo wesigungu sesikole, uMunz Mthandeni Mkhize, uthi bafika abophiko lwezamanzi nokuthuthwa kwendle esikoleni ngoLwesihlanu, bakala ukuthi amapayipi amathoyilethe ashaywayo azohamba kuphi futhi kanjani.

UMkhize uthe lo msebenzi bekumele uphothulwe namhlanje ngoLwesithathu, bese kuthi abafundi bakwaGrade R kuya kuGrade 6, babuyiselwe esikoleni ngoLwesine.

Uqhube wathi imvula ivele yanyomfa zonke izinhlelo.

“Emhlanganweni wabazali obukade ungoMgqibelo, bekuthathwe isinqumo sokuthi zonke izingane zibuyiselwe esikoleni ngoLwesine. Kodwa lokhu ngeke kusenzeka ngoba umsebenzi wokufakelwa kwamathoyilethe ashaywayo uphazamisekile ngenxa yokuna kwevula,’’ usho kanje.

Uveze nokuthi ngosuku olulandela okwakubhikishwa ngalo, abazali bafika esikoleni bezokhipha ngoshova izingane zabo. Kuthiwa abazali babethi abafuni ukugembula ngempilo yezingane zabo ekubeni amathoyilethe engekho, kube wukuthi nalawa ayekhona omgodi exegelwa indawo yokuhlala uma abafundi bezikhulula. Bathi izingane ziyobuyiselwa esikoleni mhlazane kwalungiswa kahle amathoyilethe wumnyango oyaziyo inkinga yawo.

UMkhize uthe emhlanganweni wabazali ebebenawo, bavumelane ngokuthi kumele kubhekelelwe kakhulu izingane zakwaGrade 7 ukuze zingeke zisalele kakhulu emuva emsebenzini wesikole kwazise seziya esikoleni samabanga aphakeme.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe uhulumeni ungenelele odabeni lwesikole iSiyandamazulu.

UMthethwa uthe bayethemba ukuthi isimo sizobuyela kwesejwayelekile ngokuphazima kweso uma usuphothuliwe umsebenzi wokufakwa kwamathoyilethe ashaywayo.