BAHOXE sekusele amahora ambalwa ngaphambi kokufungiswa ePhalamende obenguSomlomo wePhalamende uNksz Baleka Mbete, nowayenguNgqongqoshe wezasekhaya uMnuz Malusi Gigaba.
UNksz Mbete noGigaba bahoxile ekubeni amalungu amele i-ANC ePhalamende njengoba namhlanje bekumele bafungiswe.
Okhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe, ukuqinisekisile ukuthi laba bahoxile ohlwini lwabantu abaya ePhalamende.
"Bahoxile ekutheni baye ePhalamende, sesenze konke obekumele sikwenze kulandela ukuhoxa kwabo," kusho uMabe.
Akazange azidalule izizathu zokuhoxa kwabo.
UNksz Mbete uhoxa nje ngoMsombuluko i-ANC inqume ukuthi uSomlomo omusha kuzoba nguNksz Thandi Modise.
UNksz Modise ubenguSihlalo womkhandlu wezifundazwe bebehlanganyela uma kuhleli izindlu zombili zePhalamende uma kunenkulumo ebhekiswe esizweni kaMengameli.
UNksz Mbete, uneminyaka engaphezulu kuka-30 esePhalamende futhi ungumuntu onamava ngisho kuKhongolose. Uke waba yiPhini likamengameli wezwe njengoba abamba izinyanga ezingu-9 ngo-2008 kuya kuJuni 2009.
Uke waba nguSihlalo we-ANC kuzwelonke njengoba aqokwa ePolokwane ngo-2007 waphinde waqokwa naseMangaung ngo-2012.
UGigaba wasula ekubeni ilungu lePhalamande nyakenye ngemuva kokuba uMvikeli woMphakathi wathola ukuthi akazange ahambise ngendlela waphula imigomo yokuziphatha.
Okhulumela iPhalamende, uMnuz Moloto Mothapo, uthe konke sekumi ngomumo mayelana nokufungiswa kwamalungu namhlanje.
Uthe izolo umengameli Cyril Ramaphosa ubhalisile njengelungu lePhalamende.
Ngemuva kokukhethwa abe nguMengameli uzobe eseshiya ukuba ilungu lePhalamende.